Zulu of South Africa

AmaRoma

AmaRoma 1

1 UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, 2 alethembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele 3 mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama, 4 eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu 5 esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, 6 enikuzo nani eningababiziweyo bakaJesu Kristu, 7 kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. 8 Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke. 9 Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula 10 njalo emikhulekweni yami, nginxusa ukuba, uma kungenzeka ngentando kaNkulunkulu, ngiphumelele ukufika kini. 11 Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, 12 okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami. 13 Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe. 14 Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo; 15 kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma. 16 Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki. 17 Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.” 18 Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi, 19 ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. 20 Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela, 21 ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama. 22 Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula, 23 nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo. 24 Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo, 25 baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen. 26 Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo; 27 ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo. 28 Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele, 29 begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba; 30 beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali, 31 nabangenangqondo, nabangathembekile, nabangenaluthando, nabangenasihawu, 32 abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.

AmaRoma 2

1 Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe. 2 Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo. 3 Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo, ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na? 4 Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na? 5 Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu 6 oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: 7 labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade; 8 kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo. 9 Usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi, umJuda kuqala, nomGreki futhi; 10 kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi. 11 Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu. 12 Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho; 13 ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa. 14 Ngokuba nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo, 15 babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana, 16 ngosuku uNkulunkulu ayakwahlulela ngalo okufihliweyo kwabantu ngokwevangeli lami ngoKristu Jesu. 17 Kepha uma uthiwa ungumJuda, wethemba umthetho, uzibonga ngoNkulunkulu, 18 wazi intando yakhe, ukhetha okungcono, ungofundisiwe emithethweni, 19 uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe, ungukukhanya kwabasebumnyameni, 20 umyali weziwula nomfundisi wezingane, unakho ukuma kokwazi nokweqiniso emthethweni, 21 wena-ke ofundisa omunye, awuzifundisi wena na? Wena oshumayela ukuthi akungebiwa, uyeba na? 22 Wena othi akungaphingwa, uyaphinga na? Wena owenyanya isithombe, uphanga ithempeli na? 23 Wena ozibonga ngomthetho, udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na? 24 Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe. 25 Ngokuba ukusoka kuyasiza kambe, uma ugcina umthetho; kepha uma ungumeqi womthetho, ukusoka kwakho kuphenduka ukungasoki. 26 Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyikubalwa ukuthi kungukusoka na? 27 Khona ongasokile ngokwemvelo, egcina umthetho, uzakwahlulela wena othi unombhalo nokusoka, weqe umthetho. 28 Ngokuba umJuda kakusiye onguye ngokubonwayo, nokusoka akusikho okubonwa enyameni; 29 kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama, okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.

AmaRoma 3

1 Ngalokho kuyini umJuda adlula abanye ngakho na? Kukho, ukusoka kunokusiza kuni na? 2 Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu. 3 Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na? 4 Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.” 5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu. 6 Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na? 7 Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na? 8 Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele. 9 Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono, 10 njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akakho olungileyo, akakho noyedwa; 11 akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu; 12 bonke baphambukile, baphenduke imbuqa bonkana; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. 13 Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; 14 umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba; 15 izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi, 16 incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, 17 indlela yokuthula abayazi. 18 Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.” 19 Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu, 20 ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. 21 Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, 22 ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko; 23 ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; 24 balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, 25 ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili 26 ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu. 27 Ngakho kuphi ukuzibonga na? Kuvalelwe phandle. Ngamthetho muni na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa. 28 Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa ngaphandle kwemisebenzi yomthetho. 29 Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe, 30 uma impela uNkulunkulu emunye oyakulungisisa abasokileyo ngokukholwa nabangasokile ngokukholwa. 31 Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa na? Qha nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.

AmaRoma 4

1 Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na? 2 Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha. 3 Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.” 4 Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo; 5 kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga, 6 njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi: 7 “Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo, nabazono zabo zisitshekelwe; 8 ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono. U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.” 9 Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga. 10 Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki. 11 Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona, 12 futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kepha nowabo abahamba emkhondweni wokukholwa ubaba u-Abrahama ayenakho engakasoki. 13 Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa. 14 Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho; 15 ngokuba umthetho ubanga intukuthelo, kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa. 16 Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke, 17 njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngikumisile ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona, 18 owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;” 19 engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile; 20 akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, 21 eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. 22 Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga. 23 Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena, 24 kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, 25 owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.

AmaRoma 5

1 Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, 2 okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu. 3 Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, 4 ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; 5 ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo. 6 Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; 7 ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; 8 kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. 9 Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. 10 Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana; 11 kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana. 12 Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile; 13 ngokuba isono sasikhona ezweni kungakabikho umthetho, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho; 14 nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika-Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza. 15 Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu. 16 Isipho asinjengokona kwalowo emunye, ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa, isipho somusa sona-ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa. 17 Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu. 18 Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke; 19 ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo. 20 Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi, 21 ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.

AmaRoma 6

1 Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? 2 Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na? 3 Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? 4 Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. 5 Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, 6 sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, 7 ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni. 8 Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye, 9 sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. 10 Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. 11 Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu. 12 Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo; 13 futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, 14 ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa. 15 Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye. 16 Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na? 17 Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo 18 nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga. 19 Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa. 20 Ngokuba lapho nise yizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. 21 Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa. 22 Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade. 23 Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

AmaRoma 7

1 Kanti anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na? 2 Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. 3 Ngalokho-ke lapho indoda isekhona, uyakuthiwa isiphingi, uma eba ngowenye indoda; kepha nxa indoda isifile, ukhululekile emthethweni, angebe yisiphingi, uma eba ngowenye indoda. 4 Kanjalo nani bazalwane bami, nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo. 5 Ngokuba kwathi sisenyameni, ukuhuheka kwezono okwavela ngomthetho kwasebenza ezithweni zethu ukuthelela ukufa izithelo; 6 kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala. 7 Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;” 8 kepha isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa konke; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile. 9 Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono, 10 ngafa mina; umyalo obungowokuphila wona wafunyanwa ungowokufa kimi, 11 ngokuba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo. 12 Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle. 13 Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu. 14 Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono. 15 Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo. 16 Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle. 17 Kodwa kalokhu akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi. 18 Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho, 19 ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. 20 Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi. 21 Ngalokho ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi, 22 ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi, 23 kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami. 24 Wo! mina muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na? 25 Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngalokho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo kepha umthetho wesono ngenyama.

AmaRoma 8

1 Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. 2 Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa. 3 Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni, 4 ukuze umyalo womthetho ugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya. 5 Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya. 6 Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula. 7 Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze; 8 abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu. 9 Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. 10 Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. 11 Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini. 12 Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama. 13 Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. 14 Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu. 15 Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!” 16 Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. 17 Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. 18 Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina. 19 Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. 20 Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo, 21 ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu. 22 Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje; 23 akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu. 24 Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? 25 Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. 26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa; 27 kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. 28 Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe. 29 Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi; 30 labo abamisile ngaphambili ubabizile futhi; labo ababizile ubalungisisile futhi; labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi. 31 Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? 32 Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na? 33 Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo; 34 ngubani olahlayo na? UKristu Jesu owafayo, yebo impela, owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo. 35 Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? 36 Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.” 37 Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. 38 Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, 39 nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.

AmaRoma 9

1 Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele 2 ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami. 3 Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama; 4 bona bangabakwa-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso, 5 abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen. 6 Akusikho okungathi izwi likaNkulunkulu liphuthile. Ngokuba asibo bonke abavela ku-Israyeli abangabakwa-Israyeli; 7 nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: “Ngo-Isaka iyakubizwa inzalo yakho.” 8 Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo. 9 Ngokuba lingelesithembiso leli zwi lokuthi: “Ngalesi sikhathi ngizakufika; khona uSara uzakuba nendodana.” 10 Akuyilokhu kuphela, kodwa kwaba njalo nakuRebeka ekhulelisiwe ngoyedwa, u-Isaka, ukhokho wethu; 11 ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime, 12 kungabi ngemisebenzi, kodwa kube ngaye obizayo, kwashiwo kuye ukuthi: “Omkhulu uyakukhonza omncane,” 13 njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UJakobe ngamthanda, kepha u-Esawu ngamzonda.” 14 Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye. 15 Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.” 16 Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu. 17 Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.” 18 Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni. 19 Usuzakuthi kimi: “Usasolelani yena na? Ngokuba ngubani ongamelana nentando yakhe na?” 20 O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?” 21 Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na? 22 Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa 23 ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili, 24 thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe? 25 Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami, nongathandiwe ngokuthi uthandiwe; 26 nasendaweni lapha kwathiwa kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ lapho bayakubizwa ngokuthi: ‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ ” 27 U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi: “Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa, 28 ngokuba iNkosi iyakufeza izwi layo emhlabeni, iliphelelise, ikhawuleze,” 29 njengalokho washo u-Isaya ngaphambili ukuthi: “Uma iNkosi Sebawoti ibingasishiyelanga inzalo besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.” 30 Ngakho siyakuthini na? Ukuthi abezizwe abangafunisisanga ukulunga batholile ukulunga, ukulunga kambe okungokukholwa; 31 kepha u-Israyeli, elandela umthetho wokulunga, kafinyelelanga emthethweni. 32 Ngani na? Ngokuba akubanga ngokukholwa kodwa kungathi ngemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula, 33 njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”

AmaRoma 10

1 Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe. 2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; 3 ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. 4 Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. 5 Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho. 6 Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKristu, 7 nokuba: ‘Ngubani ozakwehlela kwalasha na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo. 8 Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. 9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; 10 ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. 11 Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.” 12 Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, 13 ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” 14 Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? 15 Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.” 16 Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?” 17 Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu. 18 Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuye nasemikhawulweni yelakhiweyo.” 19 Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi: “Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.” 20 Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi: “Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga.” 21 Kodwa ngo-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulela izandla zami kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.”

AmaRoma 11

1 Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini. 2 UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi: 3 “Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami,” na? 4 Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.” 5 Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa; 6 kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa. 7 Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni, 8 njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.” 9 NoDavide uthi: “Itafula labo malibe yisihibe nogibe, nesikhubekiso nempindiselo kubo, 10 kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni, ugobe umhlane wabo njalo.” 11 Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu. 12 Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo. 13 Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami 14 ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo. 15 Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na? 16 Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo. 17 Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo, 18 ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena. 19 Uzakuthi-ke wena: “Amagatsha aphulwa ukuba mina ngifakelwe.” 20 Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba; 21 ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka. 22 Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe. 23 Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi. 24 Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo. 25 Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo; 26 kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe. 27 Yilesi isivumelwano sami nabo, lapho ngisusa izono zabo.” 28 Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho, 29 ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. 30 Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo, 31 kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje. 32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke. 33 Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! 34 Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?” 35 Noma “ngubani owaqala ukuyipha ukuba kubuyiselwe kuye na?” 36 Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

AmaRoma 12

1 Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini. 2 UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi: 3 “Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami,” na? 4 Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.” 5 Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa; 6 kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa. 7 Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni, 8 njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.” 9 NoDavide uthi: “Itafula labo malibe yisihibe nogibe, nesikhubekiso nempindiselo kubo, 10 kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni, ugobe umhlane wabo njalo.” 11 Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu. 12 Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo. 13 Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami 14 ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo. 15 Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na? 16 Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo. 17 Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo, 18 ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena. 19 Uzakuthi-ke wena: “Amagatsha aphulwa ukuba mina ngifakelwe.” 20 Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba; 21 ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka. 22 Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe. 23 Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi. 24 Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo. 25 Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo; 26 kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe. 27 Yilesi isivumelwano sami nabo, lapho ngisusa izono zabo.” 28 Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho, 29 ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. 30 Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo, 31 kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje. 32 Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke. 33 Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! 34 Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?” 35 Noma “ngubani owaqala ukuyipha ukuba kubuyiselwe kuye na?” 36 Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

AmaRoma 13

1 Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. 2 Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa. 3 Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo; 4 ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi. 5 Ngalokho kuswelekile ukuwuthobela, kungabi kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza. 6 Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho. 7 Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo. 8 Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho. 9 Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” 10 Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. 11 Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso. 12 Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya. 13 Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu; 14 kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.

AmaRoma 14

1 Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo. 2 Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino. 3 Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele. 4 Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa. 5 Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe. 6 Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu. 7 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; 8 ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi. 9 Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. 10 Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. 11 Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” 12 Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu. 13 Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso. 14 Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi. 15 Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu. 16 Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa. 17 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele, 18 ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu. 19 Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana. 20 Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kubi kulowo muntu okudla ekhubeka. 21 Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho. 22 Ukukholwa onakho, yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo; 23 kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.

AmaRoma 15

1 Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla singazithokozisi thina. 2 Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke, 3 ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.” 4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba. 5 Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu, 6 ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu. 7 Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu. . 8 Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho, 9 abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho;” 10 abuye athi: “Jabulani nina bezizwe kanye nesizwe sakhe,” 11 nokuthi: “Dumisani iNkosi nina nonke bezizwe, niyibabaze, nina bantu bonke.” 12 Futhi u-Isaya uthi: “Kuyakuba khona impande kaJesayi, yena oyakuvuka abuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.” 13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele. 14 Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana. 15 Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu 16 wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele. 17 Ngalokho nginokuzibonga kuKristu Jesu maqondana nokukaNkulunkulu, 18 ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo, 19 ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo. 20 Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye, 21 kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Abangabikelwanga ngaye bayakubona, nabangezwanga bayakuqonda.” 22 Ngenxa yalokho ngathiyeka kaningi ukuza kini; 23 kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini, 24 ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina; 25 kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele. 26 Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile. 27 Kwaba kuhle, ngokuba nembala banecala kubo; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama. 28 Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya; 29 kepha ngiyazi ukuthi nxa ngifika kini, ngizakuza nokugcwala kwesibusiso sikaKristu. 30 Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu, 31 ukuze ngihlanguliswe kwabangakholwayo baseJudiya nokuba lokho engikhonza ngakho eJerusalema kwamukeleke kahle kwabangcwele, 32 ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani. 33 UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.

AmaRoma 16

1 Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya, 2 ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo. 3 Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu, 4 abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe. 5 Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu. 6 Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu. 7 Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami. 8 Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini. 9 Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami. 10 Khonzani ku-Aphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu. 11 Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini. 12 Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini. 13 Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini nakunina ongumame. 14 Khonzani ko-Asinkiritu, noFilegu, noHerme, noPhatroba, noHerma nabazalwane abanabo. 15 Khonzani koFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa nakwabangcwele bonke abanabo. 16 Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu. 17 Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo; 18 ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala. 19 Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi. 20 Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani. 21 Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami. 22 Mina Tertiyu engilobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini. 23 Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane. 24 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. 25 Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade 26 kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa, 27 kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.



AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE