Zulu of South Africa

Revelation

IsAmbulo 1

1 Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane 2 owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu, konke akubonayo. 3 Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. 4 UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, 5 nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe 6 nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen. 7 Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen. 8 “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” 9 Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu. 10 NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo, 11 lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.” 12 Ngaphenduka ukuba ngibone izwi ebelikhuluma nami; kuthe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, 13 nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni; 14 futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo, 15 nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi; 16 futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo. 17 Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina, 18 nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese. 19 “Ngakho-ke loba okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho. 20 Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.

IsAmbulo 2

1 “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi: 2 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga; 3 unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga. 4 “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala; 5 ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki. 6 Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami. 7 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi likaNkulunkulu. 8 “Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi: 9 Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho — kanti ucebile — nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane. 10 Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila. 11 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili. 12 “Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi: 13 Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona. 14 “Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe. 15 Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo. 16 Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami. 17 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela. 18 “Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi: 19 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. 20 “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe; 21 ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe. 22 Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe; 23 ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe. 24 Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo; 25 kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike. 26 “Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe; 27 uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba; 28 futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa. 29 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.

IsAmbulo 3

1 “Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile. 2 Vuka ulinde, uqinise okuseleyo obekuzakufa, ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami; 3 ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe. 4 “Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele. 5 Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. 6 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. 7 “Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi: 8 Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa muntu, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, kawuliphikanga igama lami. 9 Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile. 10 Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni. 11 “Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho. 12 Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. 13 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. 14 “Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi: 15 Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise. 16 Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami. 17 Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze; 18 ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone. 19 “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke. 20 Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami. 21 “Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi. 22 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.”

IsAmbulo 4

1 Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami, lithi: “Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.” 2 Masinyane ngaba kuMoya. Bheka, isihlalo sobukhosi sasimi ezulwini nohlezi phezu kwesihlalo sobukhosi; 3 nohleziyo wayefana netshe lejaspi nesardiyu ukubukeka kwakhe, nothingo lwenkosikazi luhaqe isihlalo sobukhosi lufana nesimaragidu ukubukeka kwalo. 4 Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe, enemiqhele yegolide emakhanda awo. 5 Nasesihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, namazwi, nokuduma; nezibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu; 6 nangaphambi kwesihlalo sobukhosi kukhona okunjengolwandle lwengilazi lufana nekristalu, nangaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva. 7 Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, nesidalwa sesibili sasifana nethole, nesidalwa sesithathu sasinobuso obunjengobomuntu, nesidalwa sesine sasifana nokhozi olundizayo. 8 Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.” 9 Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubonga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, 10 amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi: 11 “Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”

IsAmbulo 5

1Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa. 2 Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?” 3 Kwakungekho namunye ezulwini, nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo. 4 Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo. 5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.” 6 Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke. 7 Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi. 8 Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. 9 Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe, 10 wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.” 11 Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane, 12 zithi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo, nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.” 13 Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: “Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.” 14 Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.

IsAmbulo 6

1 Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: “Woza!” 2 Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba. 3 Nalapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: “Woza!” 4 Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu. 5 Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. 6 Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.” 7 Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: “Woza!” 8 Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba. 9 Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo. 10 Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?” 11 Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo. 12 Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi, 13 nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu, 14 nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. 15 Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba; 16 base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, 17 ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”

IsAmbulo 7

1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi. 2 Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle, 3 yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.” 4 Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli: 5 esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, 6 esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili, 7 esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili, 8 esizweni sakwaZabuloni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaJosefa abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nambili. 9 Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, 10 samemeza ngezwi elikhulu, sithi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!” 11 Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zathi: 12 “Amen! Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!” 13 Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?” 14 Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu. 15 Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele phezu kwabo. 16 Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, 17 ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”

IsAmbulo 8

1 Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora. 2 Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa. 3 Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi. 4 Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu. 5 Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba. 6 Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha. 7 Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka. 8 Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi, 9 kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa. 10 Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. 11 Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa. 12 Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo. 13 Ngase ngibona, ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!”

IsAmbulo 9

1Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha. 2 Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi. 3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba. 4 Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo. 5 Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu. 6 Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele. 7 Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu; 8 futhi sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, namazinyo aso ayenjengawezingonyama, 9 sinezivikelo zezifuba njengezivikelo zensimbi, nomdumo wamaphiko aso wawunjengomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijimela ekulweni. 10 Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu. 11 Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni. 12 UMaye wokuqala udlulile; bheka, kuseza oMaye ababili ngasemva kwalokho. 13 Ingelosi yesithupha yayisibetha; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu, 14 lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.” 15 Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu. 16 Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi. 17 Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule. 18 Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo. 19 Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo. 20 Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba, 21 futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.

IsAmbulo 10

1Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo, 2 iphethe esandleni sayo incwadi encane evulekileyo. Yayisimisa unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolokhohlo phezu komhlabathi, 3 yamemeza ngezwi elikhulu njengokubhonga kwengonyama, nalapho isimemezile, imidumo eyisikhombisa yezwakalisa amazwi ayo. 4 Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile, ngase ngizakuloba; kepha ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.” 5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene, 6 yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: “Akusayikubakho isikhathi, 7 kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.” 8 Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami, lithi: “Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.” 9 Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.” 10 Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami. 11 Zase zithi kimi: “Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.”

IsAmbulo 11

1 Nganikwa uhlanga lufana nenduku, kwathiwa: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo. 2 Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili. 3 Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.” 4 Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba. 5 Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo. 6 Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo. 7 Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale. 8 Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona. 9 Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni. 10 Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni. 11 Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu. 12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona. 13 Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu. 14 Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane. 15 Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.” 16 Namalunga angamashumi amabili nane ahlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi akhothama ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu, 17 ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa; 18 nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.” 19 Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.

IsAmbulo 12

1Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili, 2 ekhulelwe wakhala, enemihelo esikwa ngubuhlungu bokubeletha. 3 Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa; 4 umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe. 5 Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. 6 Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulumgwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha. 7 Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, 8 kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. 9 Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye. 10 Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku. 11 Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni. 12 Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” 13 Kuthe udrako esebona ukuthi usephonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa. 14 Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka. 15 Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula. 16 Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wakhamisa umlomo wawo, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe. 17 Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu. 18 Ngema esihlabathini solwandle.

IsAmbulo 13

1 Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba. 2 Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu. 3 Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala; 4 bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?” 5 Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili. 6 Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabo abahlezi ezulwini. 7 Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe. 8 Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba. 9 Uma ekhona onendlebe, makezwe. 10 Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele. 11 Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako. 12 Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwaso. Siyenza ukuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi yaso yelashwa. 13 Senza nezibonakaliso ezinkulu, size senze nomlilo uphume ezulwini, wehlele emhlabeni phambi kwabantu. 14 Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda. 15 Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe. 16 Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo 17 ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso. 18 Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.

IsAmbulo 14

1 Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo. 2 Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lamanzi amaningi nanjengezwi lokuduma okukhulu; nezwi engalizwayo lalinjengelababetha amahabhu, bebetha amahabhu abo. 3 Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni. 4 Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu, 5 nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici. 6 Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu, 7 isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.” 8 Yayisilandela enye ingelosi, ithi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.” 9 Yalandela enye ingelosi yesithathu, ithi ngezwi elikhulu: “Uma kukhona okhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, elwamukela futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe, 10 naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. 11 Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso.” 12 Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu. 13 Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.” 14 Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali. 15 Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.” 16 Ohlezi phezu kwefu wayeseliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba. 17 Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini elisezulwini, nayo inesikela elibukhali. 18 Nenye ingelosi futhi yaphuma e-altare, inamandla phezu komlilo, yamemeza ngezwi elikhulu kuyo ebinesikela elibukhali, ithi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba, ngokuba izithelo zomvini zivuthiwe.” 19 Ingelosi yayisiliphonsa isikela layo emhlabeni, yawuvuna umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu. 20 Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, liqeda amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.

IsAmbulo 15

1Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu. 2 Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu kaNkulunkulu. 3 Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe; 4 ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.” 5 Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini, 6 kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande egolide. 7 Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade. 8 Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.

IsAmbulo 16

1 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.” 2 Eyokuqala yaya-ke, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso. 3 Neyesibili yathululela isitsha sayo elwandle; lwase luba yigazi elinjengelofileyo, nakho konke okuzwayo okuphila elwandle kwafa. 4 Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuba yigazi. 5 Ngezwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho, 6 ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.” 7 Ngase ngizwa i-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.” 8 Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. 9 Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise. 10 Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu, 11 futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo. 12 Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga. 13 Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa; 14 ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke. 15 Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe. 16 Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni. 17 Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.” 18 Kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka. 19 Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo. 20 Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyaniswanga. 21 Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.

IsAmbulo 17

1 Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi, 2 afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.” 3 Yayisingiyisa ehlane ngikuMoya. Ngabona owesifazane ekhwele isilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi. 4 Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe, 5 nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA 6 Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu. 7 Yayisithi kimi ingelosi: “Umangalelani na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi. 8 Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona. 9 “Nansi ingqondo enokuhlakanipha. Amakhanda ayisikhombisa ayizintaba eziyisikhombisa, lapho owesifazane ehlezi phezu kwazo. Futhi zingamakhosi ayisikhombisa; 10 ayisihlanu asewile, enye ikhona, enye ayikafiki; nanxa isifikile, kumelwe ukuba ihlale isikhashana. 11 Nesilo esasikhona, kepha esingasekho, singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, siya ekubhujisweni. 12 “Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo. 13 Lawo anomqondo munye, anika isilo amandla nokubusa kwawo. 14 Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.” 15 Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi. 16 Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede; 17 ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. 18 Owesifazane owambonayo ungumuzi omkhulu onombuso phezu kwamakhosi omhlaba.”

IsAmbulo 18

1 Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo. 2 Yamemeza ngezwi elinamdla, yathi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo, 3 ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.” 4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, 5 ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo. 6 Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso; 7 ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho, linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.’ 8 Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla. 9 “Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo, 10 emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’ 11 “Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela, balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu, 12 impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe, 13 nokinamona, nokunephunga elimnandi, nempepho, namafutha okuqhola, nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu. 14 “Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe. 15 Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila, 16 bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele! 17 Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi, nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude, 18 badazuluka bebona umusi wokusha kwalo, bethi: ‘Ngumuphi umuzi ofana nalowomuzi omkhulu na?’ 19 Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile! 20 Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ” 21 Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. 22 Izwi lababetha ihabhu nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe, 23 nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho, 24 futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”

IsAmbulo 19

1 Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu, 2 ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.” 3 Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.” 4 Ayesewa phansi amalunga angamashumi amabili nane kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!” 5 Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.” 6 Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa. 7 Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele; 8 wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele. 9 Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.” 10 Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.” 11 Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. 12 Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; 13 wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. 14 Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. 15 Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. 16 Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI 17 Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu 18 ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.” 19 Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. 20 Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. 21 Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.

IsAmbulo 20

1 Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. 2 Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, 3 yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. 4 Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane. 5 Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. 6 Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. 7 Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe, 8 aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle. 9 Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; 10 noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade. 11 Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. 12 Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. 13 Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. 14 Ukufa neHayidese kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. 15 Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.

IsAmbulo 21

1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. 2 Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. 3 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, 4 azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” 5 Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.” 6 Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. 7 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. 8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.” 9 Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.” 10 Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu, 11 unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi elicwebezelayo, 12 unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli; 13 ngasempumalanga kwakukhona amasango amathathu, nangasenyakatho amasango amathathu, nangaseningizimu amasango amathathu, nangasentshonalanga amasango amathathu. 14 Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu. 15 Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo. 16 Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene. 17 Walinganisa ugange lwawo, izingalo eziyikhulu namashumi amane nane, yisilinganiso somuntu esingesengelosi. 18 Nogange lwawo lwakhiwe ngejaspi, nomuzi wawungowegolide elihle, linjengengilazi ecwebezelayo. 19 Izisekelo zogange lomuzi zivunulisiwe ngawo onke amatshe anenani elikhulu; isisekelo sokuqala siyijaspi, esesibili yisafire, esesithathu yikhalkedoni, esesine yisimaragidu, 20 esesihlanu yisaridonikisi, esesithupha yisardiyu, esesikhombisa yikrisolithe, esesishiyagalombili yibherile, esesishiyagalolunye yitopazi, eseshumi yikrisoprasi, eseshumi nanye yihiyakinte, eseshumi nambili yi-amethiste. 21 Amasango ayishumi nambili ayengamaparele ayishumi nambili; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye. Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo. 22 Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu. 23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu. 24 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo; 25 namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho; 26 bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe. 27 Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.

IsAmbulo 22

1 Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu. 2 Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe. 3 Akusayikuba khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza, 4 zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo. 5 Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade. 6 Yayisithi kimi: “Lawo mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wemimoya yabaprofethi iyithumile ingelosi yayo ukuzikhombisa izinceku zayo okuzakwenzeka masinyane.” 7 “Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.” 8 Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto. 9 Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.” 10 Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze. 11 Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.” 12 “Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe. 13 Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokuphela, isiqalo nesigcino. 14 “Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango. 15 Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga. 16 “Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.” 17 UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle. 18 Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi; 19 futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi. 20 Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi Jesu! 21 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE