Zulu of South Africa

Filipi

Filipi 1

1 OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni: 2 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. 3 Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke 4 ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza, 5 ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje; 6 ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu, 7 njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni. 8 Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu. 9 Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke, 10 ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu, 11 nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu. 12 Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, 13 kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu 14 nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi. 15 Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle; 16 laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, 17 kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami. 18 Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza, 19 ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, 20 njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa. 21 Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo. 22 Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha. 23 Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; 24 kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu. 25 Lokhu nginalo leli themba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kube ngukuqhubeka nokuthokoza kwenu ekukholweni, 26 ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini. 27 Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli, 28 ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu. 29 Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe, 30 nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.

Filipi 2

1Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, 2 gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye; 3 ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, 4 yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. 5 Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu 6 owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, 7 kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; 8 wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. 9 Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, 10 ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, 11 nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. 12 Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, 13 ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe. 14 Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, 15 ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, 16 nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize. 17 Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke; 18 ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami. 19 Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. 20 Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho; 21 ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. 22 Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise. 23 Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi; 24 kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane. 25 Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami, 26 lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula. 27 Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. 28 Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi. 29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa, 30 ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

Filipi 3

1Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina. 2 Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika. 3 Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni, 4 nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu; 5 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi; 6 ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. 7 Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. 8 Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, 9 ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, 10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, 11 uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo, 12 kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. 13 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, 14 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu. 15 Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, 16 kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo. 17 Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. 18 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, 19 abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. 20 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, 21 oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

Filipi 4

1 Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa. 2 Ngiyamyala u-Evodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe nokuqonda kunye eNkosini. 3 Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila. 4 Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! 5 Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. 6 Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. 7 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. 8 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; 9 enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. 10 Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba. 11 Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. 12 Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. 13 Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo. 14 Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. 15 Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa, 16 ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami. 17 Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina. 18 Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. 19 UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu. 20 KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen. 21 Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bakhonza kinina. 22 Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari. 23 Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE