Zulu of South Africa

Mathewu

Mathewu 1

1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama. 2 U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; 3 uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu; 4 u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; 5 uSalimoni wazala uBowasi kuRakhabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi; 6 uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; 7 uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; 8 u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya; 9 u-Oziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya; 10 uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; 11 uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni. 12 Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli; 13 uZorobabeli wazala u-Abiyudi, u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi, u-Eliyakimi wazala u-Azori; 14 u-Azori wazala uSadoki, uSadoki wazala u-Akimi, u-Akimi wazala u-Eliyudi; 15 u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; 16 uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya, azalwa nguye uJesu othiwa uKristu. 17 Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide, ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane. 18 Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. 19 Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese. 20 Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. 21 Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” 22 Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: 23 “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”. 24 UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe; 25 akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana; wayiqamba igama lokuthi uJesu.

Mathewu 2

1 UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi: 2 “Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.” 3 UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye. 4 Wabutha bonke abapristi abakhulu nababhali besizwe, wabuza kubo ukuthi uKristu uzakuzalelwaphi. 5 Bathi kuye: “EBetlehema laseJudiya, ngokuba kulotshiwe kanjalo ngomprofethi ukuthi: 6 “ ‘Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbusi oyakwalusa isizwe sami u-Israyeli.’ ” 7 Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso, 8 wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.” 9 Seziyizwile inkosi, zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo, yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona. 10 Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu. 11 Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka. 12 Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela. 13 Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.” 14 Wavuka-ke, wathabatha umntwana nonina ebusuku, wamuka waya eGibithe, 15 wahlala khona, waze wafa uHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.” 16 Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi. 17 Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi ukuthi: 18 “Kwezwakala izwi eRama, ukukhala nokulila okukhulu, uRakheli ekhalela abantwana bakhe, engavumi ukududuzwa, ngokuba abasekho.” 19 Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi: 20 “Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.” 21 Wasuka-ke, wathabatha umntwana nonina, wafika ezweni lakwa-Israyeli. 22 Kepha ezwa ukuthi sekubusa u-Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile; 23 wafika wakha emzini othiwa iNazaretha ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.”

Mathewu 3

1 Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi: 2 “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!” 3 Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’ ” 4 Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle. 5 Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani, 6 babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo. 7 Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? 8 Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. 9 Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. 10 Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni. 11 “Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo, 12 ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.” 13 Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye. 14 Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?” 15 UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela. 16 UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. 17 Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”

Mathewu 4

1 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. 2 Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. 3 Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.” 4 Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ” 5 Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, 6 wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” 7 UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ” 8 USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; 9 wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” 10 Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ” 11 USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. 12 Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. 13 Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali 14 ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: 15 “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe, 16 isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.” 17 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” 18 UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. 19 Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” 20 Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. 21 Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. 22 Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela. 23 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. 24 Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa. 25 Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.

Mathewu 5

1 Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. 2 Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi: 3 “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. 4 Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. 5 Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. 6 Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. 7 Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. 8 Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. 9 Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. 10 Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. 11 “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. 12 Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo. 13 “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. 14 “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. 15 Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. 16 Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini. 17 “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa. 18 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. 19 Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. 20 Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu. 21 “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’ 22 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo. 23 “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, 24 shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho. 25 “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. 26 Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi lokugcina. 27 “Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ 28 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. 29 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. 30 Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. 31 “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’ 32 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga. 33 “Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’ 34 Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, 35 noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. 36 Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama. 37 Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi. 38 “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ 39 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. 40 Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. 41 Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili. 42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe. 43 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ 44 Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo 45 ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. 46 Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? 47 Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na? 48 Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

Mathewu 6

1 “Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. 2 “Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. 3 Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, 4 ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. 5 “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. 6 Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. 7 Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. 8 Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. 9 Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; 10 mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; 11 usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; 12 usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; 13 ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ 14 “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. 15 Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu. 16 Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. 17 Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, 18 ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. 19 “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. 20 Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe. 21 Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho. 22 “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke. 23 Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani! 24 “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona. 25 “Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? 6:25 Luk. 12:22; Fil. 4:6; Heb. 13:5; 1 Pet. 5:7. 26 Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? 6:26 AmaH. 147:9; Luk. 12:6. 27 Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na? 28 “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; 29 kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. 30 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? 31 Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ 32 Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. 33 Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina. 34 Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

Mathewu 7

1 “Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. 2 Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso. 3 “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na? 4 Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho. 5 Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu. 6 “Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule. 7 “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. 8 Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa. 9 “Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe, 10 noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na? 11 Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye. 12 Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi. 13 “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. 14 Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo. 15 “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. 16 Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? 17 Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. 18 Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. 19 Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. 20 Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo. 21 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. 22 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’ 23 Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’ 24 “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. 25 Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala. 26 Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. 27 Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!” 28 Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; 29 ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.

Mathewu 8

1 Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi. 2 Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” 3 Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe. 4 UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” 5 Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi: 6 “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.” 7 Wathi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.” 8 Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. 9 Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.” 10 UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu. 11 Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu, 8:11 Luk. 13:28. 12 kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.” 13 UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi. 14 UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane. 15 Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza. 16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo, 17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.” 18 Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. 19 Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” 20 UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” 21 Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” 22 Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.” 23 Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela. 24 Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele. 25 Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.” 26 Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu. 27 Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?” 28 Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela. 29 Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?” 30 Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile. 31 Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.” 32 Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini. 33 Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. 34 Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.

Mathewu 9

1 Wayesengena emkhunjini, wawela, weza emzini wakubo. 2 Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.” 3 Bheka, abathile kubabhali bathi phakathi kwabo: “Lo uyahlambalaza.” 4 UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na? 5 Ngokuba yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na? 6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono —” khona wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” 7 Wavuka, waya endlini yakhe. 8 Kepha izixuku zikubona zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla anjalo. 9 Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela. 10 Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe. 11 AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?” 12 Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. 13 Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.” 14 Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?” 15 UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila. 16 Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka. 17 Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.” 18 Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” 19 Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe. 20 Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. 21 Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” 22 UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi. 23 UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo, 24 wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. 25 Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. 26 Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona. 27 Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!” 28 Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.” 29 Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” 30 Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.” 31 Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe. 32 Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni. 33 Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.” 34 Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.” 35 UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke. 36 Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi. 37 Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana. 38 Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”

Mathewu 10

1 Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke. 2 Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, 3 noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, 4 noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. 5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; 6 kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. 7 Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ 8 Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. 9 Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu, 10 nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. 11 “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke. 12 Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. 13 Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. 14 Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu. 15 Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. 16 Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba. 17 “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo. 18 Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. 19 “Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. 20 Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. 21 “Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. 22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa. 23 Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu. 24 “Umfundi kaphezu komfundisi, nenceku kayiphezu kwenkosi yayo. 25 Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe. 26 “Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaziwa. 27 Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu. 28 Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni. 29 Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. 30 Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. 31 Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi. 32 “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini; 33 kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini. 34 “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba. 35 Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala. 36 Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. 37 “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele; 38 nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele. 39 Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. 40 “Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo. 41 Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo. 42 Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

Mathewu 11

1 Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo. 2 Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe, 3 wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” 4 UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: 5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 6 ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.” 7 Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 8 Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi. 9 Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. 10 Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’ 11 “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye. 12 Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga. 13 Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha, kwaze kwafika uJohane. 14 Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika. 15 Onezindlebe makezwe. 16 “Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi: 17 ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’ 18 “Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: ‘Unedemoni.’ 19 INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.” 20 Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi: 21 “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha. 22 Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini. 23 Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla. 24 Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.” 25 Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; 26 yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo. 27 “Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena. 28 “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. 29 Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. 30 Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”

Mathewu 12

1 Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla. 2 Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.” 3 Wathi kubo: “Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye 4 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa okungavunyelwe ukuba zidliwe nguye nababe naye kodwa ngabapristi kuphela, na? 5 Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na? 6 Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’ 7 Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala. 8 Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.” 9 Wamuka lapho, wangena esinagogeni labo. 10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” — ukuze bammangalele. 11 Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na? 12 Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.” 13 Khona wathi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, sasinda saba njengesinye. 14 Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise. 15 Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke. 16 Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi, 17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: 18 “Bheka, inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami, ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe, amemezele ukwahlulela kubo abezizwe. 19 Akayikubanga, akayikubangalasa, akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini. 20 Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe. 21 Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.” 22 Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona. 23 Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?” 24 Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.” 25 Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme. 26 Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? 27 Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. 28 Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini. 29 “Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na? 30 “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. 31 Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa. 32 Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo. 33 “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. 34 Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. 35 Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. 36 Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa. 37 Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.” 38 Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.” 39 Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi. 40 Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. 41 Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona. 42 Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. 43 “Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani. 44 Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe. 45 Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.” 46 Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye. 47 Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.” 48 Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?” 49 Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu. 50 Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

Mathewu 13

1 Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle. 2 Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini. 3 Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. 4 Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. 5 Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. 6 Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. 7 Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. 8 Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. 9 Onezindlebe makezwe.” 10 Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” 11 Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga. 12 Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. 13 Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. 14 Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “ ‘Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa; 15 ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.’ 16 “Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa. 17 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. 18 “Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli. 19 Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni. 20 Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza; 21 kepha kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. 22 Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. 23 Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.” 24 Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; 25 kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka. 26 Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula. 27 “Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?’ 28 “Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’ “Izisebenzi zathi kuye: ‘Uthanda ukuba siye ukulubutha na?’ 29 “Kodwa wathi: ‘Qha, funa nithi, nxa nibutha ukhula, nisiphule amabele kanye nalo. 30 Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ” 31 Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; 32 yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.” 33 Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.” 34 Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo, 35 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.” 36 Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.” 37 Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; 38 insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; 39 kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. 40 Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. 41 INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, 42 zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. 43 Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe. 44 “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu. 45 “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; 46 eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. 47 “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; 48 lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. 49 Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, 50 zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. 51 “Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.” 52 Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.” 53 Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho. 54 Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? 55 Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na? 56 Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?” 57 Bakhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.” 58 Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

Mathewu 14

1 Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki waluzwa udumo lukaJesu, 2 waze wathi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhapathizi; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.” 3 Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, 4 lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.” 5 Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi. 6 Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, 7 kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela. 8 Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” 9 Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe, 10 yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni. 11 Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina. 12 Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu. 13 Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. 14 Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo. 15 Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.” 16 Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.” 17 Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.” 18 Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.” 19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. 20 Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. 21 Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana. 22 Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. 23 Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. 24 Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo. 25 Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26 Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. 27 Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” 28 UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.” 29 Wayesethi: “Woza.” Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. 30 Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” 31 Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?” 32 Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. 33 Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.” 34 Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. 35 Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. 36 Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.

Mathewu 15

1 Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi: 2 “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.” 3 Kepha waphendula, wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? 4 Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa.’ 5 Kepha nina nithi: ‘Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,’ 6 akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu. 7 Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi: 8 ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; 9 kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ” 10 Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde. 11 Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.” 12 Khona kwasondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?” 13 Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa. 14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.” 15 UPetru waphendula, wathi kuye: “Sichasisele lo mfanekiso.” 16 Wayesethi: “Kanti nani nisengabangaqondiyo na? 17 Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphadle na? 18 Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. 19 Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza. 20 Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.” 21 UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni. 22 Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.” 23 Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.” 24 Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.” 25 Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.” 26 Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.” 27 Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.” 28 Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi. 29 Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona. 30 Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, 15:30 Isaya 35:5. 31 baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli. 32 UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.” 33 Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?” 34 Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.” 35 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; 36 wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. 37 Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele. 38 Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana. 39 Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.

Mathewu 16

1 AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini. 2 Kepha waphendula, wathi kubo: “Kusihlwa nithi: ‘Loba lisile, lokhu izulu libhejile;’ 3 kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na? 4 Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka. 5 Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa. 6 UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” 7 Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.” 8 Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na? 9 Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane eziyisihlanu nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? 10 Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha amaqoma amangaki na? 11 Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” 12 Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi. 13 UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?” 14 Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.” 15 Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” 16 USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” 17 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini. 18 Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayikulahlula. 19 Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.” 20 Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu. 21 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu. 22 UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, wathi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.” 23 Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.” 24 Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. 25 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. 26 Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? 27 Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe. 28 Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

Mathewu 17

1 Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. 2 Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. 3 Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. 4 Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” 5 Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.” 6 Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu. 7 Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.” 8 Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa. 9 Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.” 10 Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?” 11 Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke. 12 Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.” 13 Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi. 14 Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, 15 wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. 16 Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.” 17 UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” 18 UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi. 19 Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” 20 Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula. 21 Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.” 22 Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu; 23 bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu. 24 Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?” 25 Wathi: “Uyayithela.” Esengene endlini uJesu wamandulela, wathi: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?” 26 Wathi: “Kubafo.” UJesu wayesethi: “Ngakho-ke amadodana akhululekile. 27 Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”

Mathewu 18

1 Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?” 2 Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, 3 wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. 4 Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu. 5 Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina. 6 Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle. 7 “Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso! 8 Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili. 9 Noma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili. 10 Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. 11 Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo. 12 “Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na? 13 Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga. 14 Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane. 15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu. 16 Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu. 17 Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi. 18 “Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini. 19 “Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini. 20 Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” 21 Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?” 22 UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. 23 “Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe. 24 Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi. 25 Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe. 26 Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’ 27 Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala. 28 “Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’ 29 “Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’ 30 Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala. 31 “Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo. 32 Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga; 33 nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?’ 34 Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo. 35 “Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.” Print this page

Mathewu 19

1 Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani. 2 Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa khona. 3 Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” 4 Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, 5 wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? 6 Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.” 7 Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?” 8 Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo. 9 Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.” 10 Abafundi bathi kuye: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.” 11 Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli zwi, kuphela abakunikiweyo. 12 Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.” 13 Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; kepha abafundi babakhuza. 14 UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” 15 Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho. 16 Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” 17 Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” 18 Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; 19 yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” 20 Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?” 21 UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” 22 Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu. 23 Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. 24 Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” 25 Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?” 26 Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.” 27 Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?” 28 Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. 29 Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade. 30 Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.

Mathewu 20

1 “Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe. 2 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe. 3 “Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho; 4 nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’ 5 Baya-ke. “Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo. 6 Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’ 7 “Bathi kuye: ‘Ngokuba akakho osiqashileyo.’ “Wathi kubo: ‘Hambani nani, niye esivinini.’ 8 “Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’ 9 “Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu. 10 Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu ngabanye. 11 Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu, 12 bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’ 13 “Waphendula, wathi komunye wabo: ‘Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu na? 14 Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe. 15 Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’ 16 “Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.” 17 Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo: 18 “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, 19 bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” 20 Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye. 21 Yena wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.” 22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singakwenza.” 23 Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.” 24 Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili. 25 Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. 26 Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; 27 nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu, 28 njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.” 29 Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela. 30 Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” 31 Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” 32 UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” 33 Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.” 34 UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Mathewu 21

1 Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, 2 wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi. 3 Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.” 4 Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi: 5 “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” 6 Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile, 7 baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo. 8 Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni. 9 Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!” 10 Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?” 11 Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.” 12 UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. 13 Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ” 14 Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa. 15 Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, 16 bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?” 17 Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona. 18 Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba. 19 Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho. 20 Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?” 21 UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka; 22 nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.” 23 Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?” 24 UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. 25 Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na?” Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi kuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’ 26 Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.” 27 Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.” Wayesethi kubo naye: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.” 28 “Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’ 29 “Yaphendula yathi: ‘Angithandi;’ kodwa ngasemuva yaguquka, yaya. 30 “Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngiyaya, nkosi;’ kepha kayiyanga. 31 “Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu. 32 Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.” 21:32 Luk. 3:10. 33 “Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. 34 Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe. 35 “Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe. 36 Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala; benze njalo nakulezo. 37 Ekugcineni wathuma kubo indodana yakhe, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’ 38 “Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’ 39 Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala. 40 “Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze njani labo balimi na?” 41 Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.” 42 UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na? 43 “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo. 44 Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.” 45 Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo. 46 Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.

Mathewu 22

1 UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi: 2 “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. 3 Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza. 4 “Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’ 5 “Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. 6 Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. 7 Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo. 8 “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; 9 ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ 10 Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni. 11 “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; 12 yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula. 13 “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ 14 “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.” 15 Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi. 16 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. 17 Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?” 18 Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na? 19 Ngitshengiseni imali yokuthela,” bamtshengisa udenariyu. 20 Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” 21 Bathi: “NgokaKesari.” Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” 22 Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka. 23 Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza 24 bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’ 25 Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo. 26 Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa. 27 Emva kwabo bonke wafa umfazi. 28 Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?” 29 Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu. 30 Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 31 Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi: 32 ‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.” 33 Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe. 34 AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye. 35 Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi: 36 “Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?” 37 UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ 38 Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. 39 Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ 40 Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.” 41 Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza, 42 wathi: “Nithini ngoKristu na? Uyindodana kabani na?” Bathi kuye: “EkaDavide.” 43 Wathi kubo: “Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi: 44 “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’ 45 “Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?” 46 Kwakungekho obengamphendula ngazwi; emva kwalolo suku akwabe kusabakho muntu onesibindi sokumbuza lutho.

Mathewu 23

1 Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, 2 wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. 3 Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi; 4 babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo. 5 “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho. 6 Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni, 7 nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’. 8 “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. 9 Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. 10 Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu. 11 Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu. 12 Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa. 13 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena. 14 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. 15 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani! 16 “Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’ 17 Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? 18 Futhi: ‘Yilowo ofunga i-altare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’ 19 Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na? 20 Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. 21 Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo. 22 Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso. 23:22 Math. 5:34. 23 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho. 24 Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela. 25 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka! 26 Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. 27 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! 28 Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi. 29 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo! 30 Nithi: ‘Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.’ 31 Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi. 32 Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo. 33 “Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na? 34 Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi 35 ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. 36 Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane. 37 “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga. 38 Bhekani, indlu yenu isisala nani. 39 Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

Mathewu 24

1 Kuthe uJesu ephuma ethempelini, emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli. 2 Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.” 3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?” 4 UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu. 5 Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi. 6 Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. 7 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. 8 Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo. 9 “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. 10 Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. 11 Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. 12 Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi. 13 Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. 14 Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela. 15 “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele — ofundayo makaqaphele 16 khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, 17 ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, 18 osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. 19 Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! 20 Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha. 21 Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona. 22 Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. 23 Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa. 24 Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka. 25 Bhekani, senginitshelile ngaphambili. 26 “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; 27 ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. 28 Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona. 29 “Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’ 30 “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. 31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye. 32 “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. 33 Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. 34 Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu. 35 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. 36 “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. 37 Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. 38 Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, 39 abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. 40 Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe; 41 ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe. 42 “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku. 43 Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe. 44 Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo. 45 “Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na? 46 Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo. 47 Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho. 48 Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’ 49 iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa, 50 inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo, 51 iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.

Mathewu 25

1 “Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. 2 Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile. 3 Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha. 4 Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. 5 Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala. 6 “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’ 7 “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo. 8 Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ 9 “Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’ 10 “Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango. 11 “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’ 12 “Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’ 13 “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora. 14 “Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe; 15 enye wayinika amatalenta ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke. 16 Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu. 17 Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili. 18 Kepha obamukele lalinye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe. 19 “Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo. 20 Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: ‘Nkosi, wanginika amatalenta ayisihlanu; bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu.’ 21 “Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’ 22 “Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: ‘Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amatalenta amabili.’ 23 “Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’ 24 “Kepha weza nobamukele italenta lalinye, wathi: ‘Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona, ubutha lapho ungafazanga khona; 25 ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho.’ 26 “Kepha inkosi yakhe yaphendula, yathi kuye: ‘Nceku embi nevilaphayo, ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona, ngibutha lapha ngingafazanga khona, na? 27 Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange, mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo. 28 “ ‘Ngakho mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi. 29 Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. 30 Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo.’ 31 “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; 32 kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi, 33 imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo. 34 “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba. 35 Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; 36 ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’ 37 “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na? 38 Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na? 39 Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?’ 40 “Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’ 41 “Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe. 42 Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga; 43 ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambanga.’ 44 “Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’ 45 “Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’ 46 “Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”

Mathewu 26

1 Kwathi uJesu eseqedile onke lawo mazwi, wathi kubafundi bakhe: 2 “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.” 3 Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase. 4 Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. 5 Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.” 6 Kuthe uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, 7 kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni. 8 Kepha abafundi bakhe bebona lokho bathukuthela, bathi: “Kwenzelwani lokho kuchitha na? 9 Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.” 10 Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi; 11 ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo. 12 Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. 13 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.” 14 Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, 15 wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu. 16 Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela. 17 Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?” 18 Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.’ ” 19 Abafundi benza-ke njengokuba uJesu ebayalile; balungisa iphasika. 20 Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili. 21 Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.” 22 Badabuka kakhulu, baqala ukusho kuye, kwaba yilowo, nalowo, ukuthi: “Kungaba yimi, Nkosi, na?” 23 Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela. 24 INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.” 25 Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?” Wathi kuye: “Usho khona.” 26 Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” 27 Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; 28 ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. 29 Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.” 30 Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. 31 Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’; 32 kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” 33 UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.” 34 UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.” 35 UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke. 36 Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” 37 Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. 38 Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” 39 Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” 40 Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na? 41 Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” 42 Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.” 43 Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima. 44 Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi. 45 Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. 46 Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.” 47 Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe. 48 Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.” 49 Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga. 50 UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?” Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. 51 Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. 52 UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. 53 Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na? 54 Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?” 55 Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba. 56 Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka. 57 Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. 58 Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino. 59 Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; 60 kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, 61 bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ” 62 Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” 63 Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.” 64 UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.” 65 Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. 66 Nithini na?” Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.” 67 Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula, 68 bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?” 69 Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.” 70 Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.” 71 Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ube noJesu waseNazaretha.” 72 Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” 73 Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.” 74 Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude. 75 UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

Mathewu 27

1 Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale; 2 bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi. 3 Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga, 4 wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.” Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.” 5 Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka. 6 Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.” 7 Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe ngeyokumbela abafokazi. 8 Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla. 9 Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli; 10 bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.” 11 Kepha uJesu wayemi phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.” 12 Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho. 13 Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” 14 Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu. 15 Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda. 16 Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba. 17 Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?” 18 Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. 19 Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.” 20 Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu. 21 Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?” Bathi: “UBaraba.” 22 UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.” 23 Wayesethi: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.” 24 UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.” 25 Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” 26 Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. 27 Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke. 28 Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu, 29 aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” 30 Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe. 31 Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni. 32 Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe. 33 Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda, 34 amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza. 35 Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho; 36 ahlala amlinda khona. 37 Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. 38 Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo. 39 Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, 40 bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.” 41 Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi: 42 “Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye. 43 Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” 44 Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo. 45 Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 46 Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” 47 Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” 48 Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. 49 Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.” 50 UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. 51 Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; 52 amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; 53 baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. 54 Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.” 55 Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza; 56 phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu. 57 Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye; 58 lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona. 59 UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo, 60 wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. 61 Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba. 62 Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu, 63 bathi: “Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.’ 64 Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.” 65 UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi; hambani niligcine njengokubona kwenu.” 66 Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

Mathewu 28

1 Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba. 2 Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo. 3 Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane. 4 Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo. 5 Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; 6 kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona. 7 Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.” 8 Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima baya ukubikela abafundi bakhe. 9 Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona.” Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. 10 Khona uJesu wathi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona.” 11 Besahamba, bheka, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo. 12 Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi, 28:12 Math. 27:64. 13 bathi: “Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele. 14 Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.” 15 Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla. 16 Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona; 17 sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza. 18 UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; 19 ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, 20 nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE