ZULU MARK CHAPTER 1 1 Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. 2 Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi:1 "Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho1 esiyakulungisa indlela yakho," -- 1 3 "izwi lomemezayo ehlane, lithi:1 'Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,' " 4 kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. 5 Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. 6 UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle. 7 Washumayela wathi: "Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. 8 Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele." 9 Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. 10 Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. 11 Kwavela izwi ezulwini, lithi: "Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe." 12 Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. 13 Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza. 14 Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, 15 wathi: "Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli." 16 Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi. 17 UJesu wayesethi kubo: "Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu." 18 Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. 19 Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. 20 Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela. 21 Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. 22 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. 23 Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, 24 wathi: "Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu." 25 UJesu wamkhuza wathi: "Thula, uphume kuye!" 26 Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. 27 Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: "Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele." 28 Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile. 29 Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. 30 Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. 31 Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza. 32 Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. 33 Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. 34 Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi. 35 Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. 36 USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. 37 Sebemfumene bathi kuye: "Bonke bayakufuna." 38 Wathi kubo: "Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho." 39 Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. 40 Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: "Uma uthanda, ungangihlambulula." 41 UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: "Ngiyathanda; hlambuluka." 42 Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka. 43 Esemyalisisile washesha wammukisa, 44 wathi kuye: "Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo." 45 Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke. CHAPTER 2 1 Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini. 2 Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo. 3 Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane. 4 Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi. 5 UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: "Ndodana, uthethelelwe izono zakho." 6 Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi: 7 "Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?" 8 UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: "Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na? 9 Yikuphi okulula ukuthi kofe uhlangothi: 'Uthethelelwe izono zakho,' noma ukuthi: 'Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe,' na? 10 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono" -- wathi kofe uhlangothi -- 11 "ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho." 12 Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: "Asizange sikubone okunje." 13 Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa. 14 Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: "Ngilandele." Wasuka-ke, wamlandela. 15 Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela. 16 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: "Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?" 17 UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: "Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni." 18 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: "Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?" 19 UJesu wathi kubo: "Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. 20 Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. 21 Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. 22 Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha." 23 Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. 24 Base bethi kuye abaFarisi: "Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?" 25 Wathi kubo: "Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye 26 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?" 27 Wayesethi kubo: "Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. 28 Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha." CHAPTER 3 1 Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo. 2 Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala. 3 Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: "Sukuma, ume phakathi." 4 Wayesethi kubo: "Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?" Kepha bathula. 5 Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: "Yelula isandla." Waselula, saphiliswa isandla sakhe. 6 AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani. 7 UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, 8 naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye. 9 Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli, 10 ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. 11 Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: "Wena uyiNdodana kaNkulunkulu." 12 Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi. 13 Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye. 14 Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela, 15 babe namandla okukhipha amademoni. 16 Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru, 17 noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma; 18 no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, 19 noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. 20 Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa. 21 Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya. 22 Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: "UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni." 23 Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: "USathane angakhipha kanjani uSathane na? 24 Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme. 25 Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma. 26 NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela. 27 Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso. 28 Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho, 29 kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo." 30 Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo. 31 Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. 32 Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: "Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna." 33 Wabaphendula wathi: "Ngubani umame nabafowethu na?" 34 Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: "Bhekani, nangu umame nabafowethu. 35 Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame." CHAPTER 4 1 Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle. 2 Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: 3 "Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. 4 Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. 5 Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. 6 Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. 7 Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. 8 Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu." 9 Wayesethi: "Onezindlebe zokuzwa makezwe." 10 Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. 11 Wathi kubo: "Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, 12 ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe." 13 Wayesethi kubo: "Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na? 14 Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. 15 Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo. 16 Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; 17 kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane. 18 Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi, 19 kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo. 20 Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu." 21 Wayesethi kubo: "Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na? 22 Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala. 23 Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe." 24 Wayesethi kubo: "Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina. 25 Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho." 26 Wayesethi: "Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, 27 alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani. 28 Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini. 29 Nxa sesivuthiwe isithelo, afake masinyane isikela, ngokuba ukuvuna sekufikile." 30 Wathi futhi: "Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na? 31 Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, 32 kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo." 33 Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa; 34 kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke. 35 Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: "Asiwele siye ngaphesheya." 36 Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye. 37 Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. 38 Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: "Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?" 39 Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: "Thula, uthi du." Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu. 40 Wathi kubo: "Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?" 41 Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: "Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?" CHAPTER 5 1 Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa. 2 Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo. 3 Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga; 4 ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa. 5 Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe. 6 Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye; 7 wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: "Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi." 8 Ngokuba wathi kuye: "Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo." 9 Wayesembuza ethi: "Ngubani igama lakho?"Wathi kuye: "NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi." 10 Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe. 11 Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile. 12 Bamncenga bathi: "Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo." 13 Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle. 14 Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo. 15 Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona;* base besaba. 16 Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube. 17 Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo. 18 Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye. 19 Akamvumelanga, kepha wathi kuye: "Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela." 20 Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke. 21 Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle. 22 Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge,* nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, 23 wamncenga kakhulu, wathi: "Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile." 24 Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela. 25 Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, 26 ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, 27 esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, 28 ngokuba wathi: "Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa." 29 Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. 30 Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: "Ngubani othinte izingubo zami na?" 31 Abafundi bakhe bathi kuye: "Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: 'Ngubani ongithintileyo na?' " 32 Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. 33 Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. 34 Wayesethi kuye: "Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho." 35 Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge,* bathi: "Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?" 36 Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: "Ungesabi, kholwa kuphela." 37 Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. 38 Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu. 39 Wangena, wathi kubo: "Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele." 40 Bamhleka usulu.Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana. 41 Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: "Thalitha, kumi," okungukuthi ngokuhunyushwa: "Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!" 42 Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu. 43 Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla. CHAPTER 6 1 Khona wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. 2 Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni.* Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: "Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na? 3 Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?" Base bekhubeka ngaye. 4 Wayesethi kubo uJesu: "Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo." 5 Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa. 6 Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizi efundisa. 7 Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo. 8 Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni, 9 kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili. 10 Wathi kubo: "Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona. 11 Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo." 12 Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke. 13 Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa. 14 Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye. 15 Kodwa abanye bathi: "Ngu-Eliya;" abanye bathi: "Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi." 16 Kepha uHerode ekuzwile wathi: "UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile." 17 Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye. 18 Ngokuba uJohane wayethe kuHerode: "Awuvunyelwe ukuthatha umkamfowenu." 19 Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla, 20 ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa. 21 Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile, 22 kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: "Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika." 23 Wafunga kuyo, wathi: "Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami." 24 Yayisiphuma, yathi kunina: "Ngizakucelani na?"Yena wathi: "Ikhanda likaJohane uMbhapathizi." 25 Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: "Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi." 26 Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela. 27 Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni. 28 Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe, layinika intombazana, intombazana yamnika unina. 29 Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni. 30 Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile. 31 Wayesethi kubo: "Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana." Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla. 32 Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa. 33 Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela. 34 Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi. 35 Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: "Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; 36 bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla." 37 Wayesephendula, ethi kubo: "Bapheni nina ukudla."Bathi kuye: "Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?" 38 Wathi kubo: "Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone."Sebazi bathi: "Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili." 39 Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba. 40 Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. 41 Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. 42 Badla bonke, basutha. 43 Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi. 44 Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu. 45 Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku. 46 Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. 47 Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. 48 Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo. 49 Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. 50 Ngokuba bonke bambona, bethuka.Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: "Yimani isibindi; yimina, ningesabi." 51 Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. 52 Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni. 53 Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini. 54 Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane. 55 Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona. 56 Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa. CHAPTER 7 1 Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema. 2 Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe -- 3 ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala; 4 nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi -- 5 abaFarisi nababhali bambuza bathi: "Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?" 6 Wayesethi kubo: "U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:1 'Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, 1 kepha inhliziyo yaso ikude nami; 1 7 kodwa bangikhonza ngeze1 befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.' 8 Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu." 9 Wayesethi kubo: "Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. 10 Ngokuba uMose wathi: 'Yazisa uyihlo nonyoko,' nokuthi: 'Othuka uyise noma unina makafe nokufa'; 11 kepha nina nithi: 'Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,' 12 anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. 13 Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza." 14 Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: "Ngizweni nonke, niqonde. 15 Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. 16 Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe." 17 Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. 18 Wayesethi kubo: "Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? 19 Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke." 20 Wayesethi: "Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; 21 ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, 22 nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. 23 Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu." 24 Wayesemuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire. Wangena endlini, akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala. 25 Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe. 26 Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa, wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe. 27 UJesu wayesethi kuye: "Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni." 28 Kodwa waphendula, wathi kuye: "Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula." 29 Wayesethi kuye: "Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho." 30 Wayesemuka, waya endlini yakhe, wafumana umntwana elele embhedeni, idemoni liphumile. 31 UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi. 32 Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso. 33 Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso, 34 wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: "Efatha!" okungukuthi: "Vuleka!" 35 Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle. 36 Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela. 37 Bamangala nokumangala, bathi: "Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume." CHAPTER 8 1 Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: 2 "Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. 3 Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude." 4 Abafundi bakhe bamphendula bathi: "Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?" 5 Wababuza wathi: "Ninezinkwa ezingaki na?"Bathi: "Eziyisikhombisa." 6 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku. 7 Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo. 8 Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. 9 Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa. 10 Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha. 11 Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. 12 Wabubula emoyeni wakhe, wathi: "Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso." 13 Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya. 14 Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini. 15 Wayesebayala ethi: "Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode." 16 Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa. 17 UJesu ekwazi wathi kubo: "Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na? 18 Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini 19 mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?"Bathi kuye: "Ishumi nambili." 20 "Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma mangaki agcwele imvuthuluka na?"Bathi: "Isikhombisa." 21 Wathi kubo: "Anikaqondi na?" 22 Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe. 23 Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: "Ubona utho na?" 24 Yabheka, yathi: "Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla." 25 Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke. 26 Wayithumela ekhaya layo, wathi: "Ungangeni emzini wabantu." 27 UJesu wayesephuma kanye nabafundi bakhe, waya emizini yaseKesariya Filipi. Besendleleni, wababuza abafundi bakhe, wathi kubo: "Abantu bathi ngingubani na?" 28 Bamtshela bathi: "UJohane uMbhapathizi;" abanye bathi: "Ngu-Eliya;" abanye bathi: "Ngomunye wabaprofethi." 29 Wayesebabuza ethi: "Nina-ke nithi ngingubani na?"UPetru waphendula, wathi kuye: "Wena unguKristu." 30 Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye. 31 Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu. 32 Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza. 33 Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: "Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu." 34 Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: "Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. 35 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa. 36 Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na? 37 Yingabe angakhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? 38 Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele." CHAPTER 9 1 Wayesethi kubo: "Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla." 2 Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waphenduka esinye isimo phambi kwabo. 3 Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka. 4 Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu. 5 Wathatha uPetru, wathi kuJesu: "Rabi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya." 6 Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu. 7 Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: "Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni." 8 Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo. 9 Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. 10 Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo. 11 Base bembuza, bethi: "Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?" 12 Wayesethi kubo: "Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na? 13 Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye." 14 Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. 15 Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela. 16 Wayesebabuza ethi: "Nibuzana nabo ngantoni na?" 17 Omunye wesixuku wamphendula wathi: "Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. 18 Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka." 19 Waphendula wathi: "O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi." 20 Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. 21 Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?Wathi: "Kwasebuntwaneni. 22 Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize." 23 UJesu wayesethi kuye: "Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo." 24 Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: "Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami." 25 UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: "Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye." 26 Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: "Usefile." 27 Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma. 28 Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: "Thina besingemkhiphe ngani na?" 29 Wayesethi kubo: "Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla." 30 Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu, 31 ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: "INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu." 32 Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza. 33 Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: "Beniphendulana ngantoni endleleni na?" 34 Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu. 35 Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: "Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke." 36 Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: 37 "Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo." 38 UJohane wayesethi kuye: "Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli." 39 Kepha uJesu wathi: "Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. 40 Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. 41 Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. 42 Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle. 43 Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili, 44 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 45 Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili, 46 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 47 Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili, 48 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 49 Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo. 50 "Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula." CHAPTER 10 1 Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe. 2 Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga. 3 Waphendula, wathi kubo: "UMose waniyala ngokuthini na?" 4 Bathi: "UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe." 5 UJesu wayesethi kubo: "Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo. 6 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. 7 Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; 8 labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. 9 Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu." 10 Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho. 11 Wathi kubo: "Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye. 12 Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga." 13 Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza. 14 Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: "Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. 15 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo." 16 Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo. 17 Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: "Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?" 18 Kepha uJesu wathi kuye: "Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. 19 Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko." 20 Kepha wathi kuye: "Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami." 21 UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: "Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele." 22 Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu. 23 UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: "Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu." 24 Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: "Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. 25 Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu." 26 Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: "Pho, kungasindiswa bani na?" 27 UJesu ebabheka wathi: "Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke." 28 UPetru wathatha, wathi kuye: "Bheka, thina sishiye konke, sakulandela." 29 UJesu wathi: "Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, 30 ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. 31 Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala." 32 Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi: 33 "Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe; 34 bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka." 35 Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: "Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe." 36 Wathi kubo: "Nifuna ukuba nginenzeleni na?" 37 Bathi kuye: "Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho." 38 Kepha uJesu wathi kubo: "Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?" 39 Bathi kuye: "Singakwenza."UJesu wathi kubo: "Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; 40 kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo." 41 Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane. 42 UJesu wayesebabiza, wathi kubo: "Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. 43 Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu, 44 nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yabo bonke. 45 Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi." 46 Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni. 47 Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: "Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!" 48 Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: "Ndodana kaDavide, ngihawukele!" 49 Wayesema uJesu, wathi: "Mbizeni."Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: "Yima isibindi, usukume; uyakubiza." 50 Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu. 51 UJesu washo kuyo, wathi: "Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?"Impumputhe yathi kuye: "Rabuni, ukuba ngibone." 52 UJesu wathi kuyo: "Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile." Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni. CHAPTER 11 1 Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, 2 wathi kubo: "Hambani niye emzaneni obhekene nani; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. 3 Uma umuntu ethi kini: 'Nikwenzelani lokhu na?' anothi: 'INkosi iyalidinga; izakulibuyisela lapha masinyane.' " 4 Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. 5 Abanye kwababemi khona bathi kubo: "Nenzani nilithukulula ithole na?" 6 Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka. 7 Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo. 8 Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. 9 Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi:1 "Hosiyana! 1 Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. 1 10 Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide.1 Hosiyana kweliphezulu!" 11 UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili. 12 Ngangomuso ekuphumeni kwabo eBethaniya walamba. 13 Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. 14 UJesu wakhuluma, wathi kuwo: "Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade." Abafundi bakhe bakuzwa. 15 Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba; 16 wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha. 17 Wafundisa, wathi kubo: "Akulotshiwe yini ukuthi, 'indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke' na? Kepha nina niyenze 'umhume wabaphangi.' " 18 Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. 19 Njalo ngokuhlwa baphuma emzini. 20 Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. 21 UPetru ekhumbula wathi kuye: "Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile." 22 UJesu waphendula, wathi kubo: "Kholwani nguNkulunkulu. 23 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: 'Nqukuleka, uphonseke elwandle,' engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. 24 Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. 25 Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. 26 Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu." 27 Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga, 28 bathi kuye: "Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?" 29 Kepha uJesu wathi kubo: "Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. 30 Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni." 31 Bakhulumisana bodwa, bathi: "Uma sithi: 'Ezulwini,' uzakuthi: 'Pho, anikholwanga nguye ngani na?' 32 Kepha uma sithi: 'Kubantu,' " besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela 33 Base bemphendula uJesu, bathi: "Asazi."Wayesethi uJesu kubo: "Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini." CHAPTER 12 1 Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: "Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. 2 Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini. 3 Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze. 4 Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka. 5 Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. 6 "Kwase kusele umuntu munye, indodana ethandekayo; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: 'Bayakuyazisa indodana yami.' 7 "Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: 'Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.' 8 Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini. 9 "Uzakwenzani umninisivini na? Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye. 10 Aniwufundanga yini lo mbhalo othi:1 'Itshe abalinqabayo abakhi 1 lona laba yinhloko yegumbi; 1 11 lona lavela eNkosini;1 liyisimangaliso emehlweni ethu,' na?" 12 Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka. 13 Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. 14 Beza bathi kuye: "Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?" 15 Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: "Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone." 16 Bamletha. Wayesethi kubo: "Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?"Bathi kuye: "NgokaKesari." 17 UJesu wathi kubo: "Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu."Bamangala ngaye. 18 Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: 19 "Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. 20 Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo. 21 Nowesibili wamthatha; naye wafa engashiyanga nzalo; kanjalo nowesithathu. 22 Abayisikhombisa kabashiyanga nzalo. Ekugcineni kwabo bonke kwafa nomfazi. 23 Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na?" 24 UJesu wathi kubo: "Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? 25 Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 26 Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: 'NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,' na? 27 Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu." 28 Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana, eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: "Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?" 29 UJesu waphendula wathi: "Owokuqala ngowokuthi: 'Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. 30 Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.' 31 Owesibili yilo: 'Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.' Awukho omunye umyalo omkhulu kunale." 32 Umbhali wayesethi kuye: "Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo; 33 futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo." 34 UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: "Awukude nombuso kaNkulunkulu." Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza. 35 Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi: "Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? 36 UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi:1 'INkosi yathi eNkosini yami: 1 "Hlala ngakwesokunene sami, 1 ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho." ' 37 UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?" 38 Ekufundiseni kwakhe wathi: "Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, 39 nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni, 40 abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu." 41 Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu. 42 Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi* amabili okuyisitebela.* 43 Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: "Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni, 44 ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho." CHAPTER 13 1 Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: "Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!" 2 UJesu wathi kuye: "Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi." 3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa, 4 bathi: "Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?" 5 Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: "Qaphelani ningadukiswa muntu. 6 Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: 'Nginguye,' badukise abaningi. 7 Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. 8 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo. 9 "Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. 10 Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke. 11 Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele. 12 "Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. 13 Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. 14 "Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona -- ofundayo makaqaphele -- khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, 15 ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe, 16 osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. 17 Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! 18 Khulekani ukuba kungabi sebusika. 19 Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona. 20 Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku. 21 Khona-ke uma umuntu ethi kini: 'Bhekani, nangu uKristu,' noma: 'Bhekani, nanguya,' ningakholwa. 22 Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka. 23 Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili. 24 "Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, 25 nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. 26 Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo. 27 Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu. 28 "Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. 29 Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. 30 Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu. 31 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula. 32 "Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. 33 Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini. 34 Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde. 35 "Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni, 36 funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele. 37 Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: 'Lindani.' " CHAPTER 14 1 Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale. 2 Ngakho bathi: "Makungabi ngomkhosi, kungaze kube khona isiyaluyalu esizweni." 3 Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha enadi* lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe. 4 Kepha kwakukhona abanye abakhuluma bodwa ngokuthukuthela, bethi: "Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na? 5 Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu." Bamthukuthelela kakhulu. 6 Kepha uJesu wathi: "Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi. 7 Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo. 8 Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa. 9 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye." 10 UJuda Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, wayeseya kubapristi abakhulu ukuba amkhaphele kubo. 11 Sebezwile bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wayesefuna ithuba lokumkhaphela. 12 Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: "Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?" 13 Wayesethuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: "Hambani niye emzini; khona nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni. 14 Lapho engena khona, anothi kumninindlu: 'Uthi uMfundisi: Iphi indlu yami, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?' 15 Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo, lilungisiwe; silungiseleni khona." 16 Bahamba abafundi bafika emzini, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika. 17 Kusihlwa wafika nabayishumi nambili. 18 Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: "Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela." 19 Baqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye: "Kungaba yimi na?" 20 Wathi kubo: "Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni. 21 INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga." 22 Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: "Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami." 23 Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke. 24 Wathi kubo: "Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi. 25 Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu." 26 Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. 27 UJesu wathi kubo: "Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: 'Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.' 28 Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile." 29 UPetru wathi kuye: "Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina." 30 UJesu wathi kuye: "Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu." 31 Kepha waqinisa ngamandla, wathi: "Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika." Basho njalo bonke. 32 Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: "Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka." 33 Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi. 34 Wathi kubo: "Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde." 35 Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu. 36 Wathi: "Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena." 37 Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: "Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na? 38 Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka." 39 Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi. 40 Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini. 41 Weza ngokwesithathu, wathi kubo: "Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. 42 Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele." 43 Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. 44 Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: "Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise." 45 Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: "Rabi!" Wamanga. 46 Base bembeka izandla, bambamba. 47 Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. 48 UJesu wathatha wathi kubo: "Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba. 49 Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo." 50 Bamshiya bonke, babaleka. 51 Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba. 52 Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze. 53 Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali. 54 UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo. 55 Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga. 56 Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga. 57 Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi: 58 "Thina simzwile ethi: 'Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.' " 59 Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga. 60 Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: "Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?" 61 Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: "UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?" 62 Wathi uJesu: "Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu." 63 Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: "Sisaswelelani ofakazi na? 64 Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?"Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa. 65 Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: "Profetha." Nezikhonzi zamthatha zammukula. 66 UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu, 67 yambona uPetru otha, yambheka, yathi: "Nawe ubunoJesu waseNazaretha." 68 Kepha waphika wathi: "Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;" waphumela enkundleni; lakhala iqhude. 69 Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: "Lona ungomunye wabo." 70 Kepha waphinda waphika.Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: "Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile." 71 Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: "Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye." 72 Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: "Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;" wakhala nokukhala izinyembezi. CHAPTER 15 1 Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu. 2 UPilatu wambuza wathi: "Wena uyinkosi yabaJuda na?"Waphendula, wathi kuye: "Usho khona." 3 Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi. 4 UPilatu wabuye wambuza, wathi: "Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka." 5 Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu. 6 Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo. 7 Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni. 8 Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela. 9 Kepha uPilatu wabaphendula wathi: "Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?" 10 Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. 11 Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba. 12 UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: "Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?" 13 Babuye bamemeza, bathi: "Mbethele esiphambanweni!" 14 Kodwa uPilatu wathi kubo: "Ngokuba wenze bubi buni na?"Kepha bamemeza kakhulu, bathi: "Mbethele esiphambanweni!" 15 Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. 16 Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu, abizela ndawonye ibutho lonke. 17 Ayesemembathisa ingubo ebubende, amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva. 18 Aqala ukumkhulekela, athi: "Bayede, nkosi yabaJuda!" 19 Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. 20 Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende, amembathisa izingubo zakhe. Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni. 21 Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. 22 Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda. 23 Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga. 24 Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. 25 Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni. 26 Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: lNKOSI YABAJUDA. 27 Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe. 28 Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: "Wabalwa kanye naboni." 29 Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: "Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu; 30 zisindise, wehle esiphambanweni." 31 Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: "Wasindisa abanye, angezisindise yena. 32 UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe." Nababebethelwe kanye naye bamdumaza. 33 Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: "Eloi, Eloi, lama sabaktani?" okungukuthi ngokuhunyushwa: "Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?" 35 Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: "Bheka, ubiza u-Eliya." 36 Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: "Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa." 37 UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa. 38 Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. 39 Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: "Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu." 40 Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome 41 ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema. 42 Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha, 43 kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi, owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. 44 Kepha uPilatu wamangala ngokuthi ngabe usefile, wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi sekukade efile na? 45 Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu. 46 Wathenga indwangu enhle, wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. 47 OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona. CHAPTER 16 1 Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. 2 Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga. 3 Bakhuluma bodwa, bathi: "Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?" 4 Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu. 5 Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka. 6 Kepha yathi kubo: "Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona. 7 Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini." 8 Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba. 9 Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa. 10 Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala. 11 Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa. 12 Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. 13 Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa. 14 Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile. 15 Wayesethi kubo: "Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. 16 Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa. 17 Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, 18 baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde." 19 Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. 20 Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo