Zulu of South Africa

Luka

Luka 1

1 Njengokuba abaningi sebezamile ukulanda ngokuhlelekile ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, 2 njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi, 3 kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, 4 ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo. 5 Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe. 6 Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki. 7 Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba; bobabili base bekhulile. 8 Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo, 9 ngokomthetho wobupristi kwaba nguye owabelwa ukungena ethempelini leNkosi, azoshisa impepho. 10 Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho. 11 Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. 12 UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. 13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. 14 Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. 15 Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. 16 Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. 17 Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.” 18 UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.” 19 Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. 20 Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.” 21 Abantu bemlindele uZakariya bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. 22 Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu. 23 Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya ekhaya. 24 Kepha emva kwalezo zinsuku u-Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi: 25 “Yenze njalo iNkosi kimi emihleni eyangibheka ngayo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu.” 26 Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha, 27 entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya. 28 Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” 29 Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. 30 Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. 31 Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. 32 Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; 33 uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.” 34 UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?” 35 Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu. 36 Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. 37 Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” 38 UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye. 39 Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. 40 Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe. 41 Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele, 42 wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! 43 Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? 44 Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula. 45 Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.” 46 Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi, 47 nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, 48 ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. 49 Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. 50 Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo. 51 Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. 52 Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. 53 Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze. 54 Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, 55 njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.” 56 UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya. 57 Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. 58 Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye. 59 Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya. 60 Unina wayesephendula ethi: “Qhabo, uzakuthiwa uJohane.” 61 Bathi kuye: “Akakho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.” 62 Bamqhweba uyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi. 63 Wabiza isileti, waloba ukuthi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke. 64 Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma embonga uNkulunkulu. 65 Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke lezintaba laseJudiya, 66 nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Kodwa lo mntwana uyakuba yini na?” Isandla seNkosi sasinaye. 67 UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi: 68 “Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko. 69 Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo, 70 njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo, 71 insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo, 72 ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele, 73 isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama, 74 ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba 75 ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu. 76 Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo 77 ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, 78 ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu, 79 ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.” 80 Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.

Luka 2

1 Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. 2 Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. 3 Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo. 4 Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, 5 ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. 6 Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. 7 Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi. 8 Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. 9 Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. 10 Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, 11 ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. 12 Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.” 13 Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: 14 “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” 15 Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.” 16 Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni. 17 Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. 18 Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. 19 Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. 20 Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo. 21 Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini. 22 Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi 23 njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”, 24 banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.” 25 Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. 26 Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi. 27 Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho, 28 wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi: 29 “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho, 30 ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho 31 oyilungisele ebusweni babantu bonke, 32 ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.” 33 Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. 34 USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo — 35 yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo — ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.” 36 Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe, 37 engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. 38 Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema. 39 Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha. 40 Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe. 41 Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika. 42 Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi. 43 Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. 44 Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo. 45 Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna. 46 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. 47 Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe. 48 Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.” 49 Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?” 50 Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo. 51 Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe. 52 UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.

Luka 3

1 Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, uHerode engumtetrarki waseGalile, uFiliphu umfowabo engumtetrarki wezwe lase-Itureya nelaseTrakhoniti, uLisaniya engumtetrarki wase-Abilene, 2 u-Anase engumpristi omkhulu noKayafase, kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane indodana kaZakariya ehlane. 3 Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono, 4 njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. 5 Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile; 6 inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ” 7 Ngakho-ke wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? 8 Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. 9 Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.” 10 Izixuku zambuza zathi: “Pho, sizakwenzani na?” 11 Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.” 12 Kwafika nabathelisi ukuba babhapathizwe, bathi kuye: “Mfundisi, sizakwenzani na?” 13 Wathi kubo: “Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.” 14 Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?” Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.” 15 Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi ingabe unguKristu yini, 16 uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo; 17 oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.” 18 Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala. 19 Kepha uHerode umtetrarki, esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode, 20 wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni. 21 Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, 22 uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” 23 Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli 24 kaMathati kaLevi kaMeliki kaJanayi kaJosefa 25 kaMatathiya ka-Amose kaNahume ka-Eseli kaNagayi 26 kaMati, kaMatathiya kaSemeyini kaJosefa kaJuda 27 kaJohanani kaResa kaZorobabeli kaSalatiyeli kaNeri 28 kaMeliki ka-Adi kaKosamu ka-Elimadamu ka-Eri 29 kaJose ka-Eliyezeri kaJorimi kaMathati kaLevi 30 kaSimeyoni kaJuda kaJosefa kaJonamu ka-Eliyakimi 31 kaMeleya kaMena kaMathata kaNathamu kaDavide 32 kaJesayi ka-Obede kaBowasi kaSala kaNasoni 33 ka-Aminadaba ka-Adameyini ka-Arani ka-Esiromu kaFaresi kaJuda 34 kaJakobe ka-Isaka ka-Abrabama kaThara kaNahori 35 kaSeruki kaRagawu kaFaleki ka-Ebere kaSala 36 kaKayinamu ka-Arfakisadi kaSemi kaNowa kaLameka 37 kaMathusala ka-Enoke kaJarethi kaMaleleyeli kaKayinani 38 ka-Enose kaSeti ka-Adamu kaNkulunkulu.

Luka 4

1 UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane, 2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba. 3 Wayesethi kuye uSathane: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.” 4 UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.’ ” 5 Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. 6 USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. 7 Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.” 8 UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ” 9 Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha, 10 ngokuba kulotshiwe ukuthi: 11 “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’ “nokuthi: “ ‘Ziyakukuthwala ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” 12 UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ” 13 USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi. 14 UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona. 15 Wafundisa emasinagogeni abo edunyiswa yibo bonke. 16 Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. 17 Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi: 18 “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, 19 nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.” 20 Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni amgqolozela. 21 Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.” 22 Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?” 23 Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.” 24 Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo. 25 Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; 26 kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. 27 Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.” 28 Bonke ababesesinagogeni bagcwala ulaka bekuzwa lokho. 29 Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi. 30 Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka. 31 Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha. 32 Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla. 33 Kwakukhona esinagogeni umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: 34 “Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.” 35 UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga. 36 Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?” 37 Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona. 38 Wasuka esinagogeni, wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye. 39 Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza. 40 Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa. 41 Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu. 42 Sekusile, waphuma waya endaweni eyihlane; izixuku zamfuna, zaze zafika kuye impela, zambamba ukuba angamuki kuzo. 43 Kepha wathi kuzo: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” 44 Washumayela emasinagogeni aseGalile.

Luka 5

1 Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha, 2 wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha. 3 Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini. 4 Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.” 5 USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.” 6 Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo. 7 Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike. 8 Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” 9 Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile, 10 kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.” 11 Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela. 12 Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” 13 Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye. 14 Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.” 15 Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo. 16 Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka. 17 Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise. 18 Bheka-ke, nanko amadoda ethwele ohlakeni umuntu ofe uhlangothi, efuna ukumngenisa nokumbeka phambi kwakhe. 19 Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu. 20 Ebona ukukholwa kwawo wathi: “Mngane, uthethelelwe izono zakho.” 21 Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?” 22 Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula, wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na? 23 Yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na? 24 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Kuwena ngithi: Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” 25 Wasukuma khona lapho phambi kwabo, wathabatha lokho abelele kukho, wamuka waya endlini yakhe emdumisa uNkulunkulu. 26 Ukumangala kwabehlela bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bagcwala ukwesaba, bathi: “Sibonile izimanga namuhla.” 27 Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” 28 Washiya konke, wasukuma, wamlandela. 29 ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni. 30 AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?” 31 Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. 32 Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.” 33 Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.” 34 Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na? 35 Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.” 36 Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala. 37 Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale. 38 Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha. 39 Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”

Luka 6

1 Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. 2 Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?” 3 UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye 4 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” 5 Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.” 6 Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni, wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene. 7 Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala. 8 Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema. 9 UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?” 10 Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe. 11 Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu. 12 Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. 13 Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli: 14 uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu, 15 noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli, 16 noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli. 17 Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, 18 ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. 19 Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke. 20 Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Nibusisiwe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. 21 Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu, ngokuba niyakuhleka. 22 Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. 23 “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi. 24 “Kepha maye kinina bacebileyo, ngokuba niyamukele induduzo yenu! 25 Maye kinina basuthiyo kalokhu, ngokuba niyakulamba! Maye kinina bahlekayo kalokhu, ngokuba niyakulila, nikhale! 26 Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga! 27 “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, 28 nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo. 29 Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. 30 Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye. 31 Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo. 32 “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. 33 Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. 34 Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako. 35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. 36 Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu. 37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. 38 Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.” 39 Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na? 40 Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe. 41 “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na? 42 Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukwelakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu. 43 “Ngokuba akukho muthi omuhle othela isithelo esibi; futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle. 44 Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni. 45 Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. 46 “Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na? 47 Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye. 48 Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. 49 Kodwa ozwayo engenzi unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”

Luka 7

1 Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu, wangena eKapernawume. 2 Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa. 3 Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye, imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo. 4 Esefikile kuJesu amncenga kakhulu, ethi: “Ifanele ukuba uyenzele lokho, 5 ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.” 6 UJesu wayesehamba nawo. Kepha engasekude nendlu, induna yekhulu yathumela kuye abahlobo, bathi kuye: “Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami. 7 Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe; kepha yisho izwi, khona inceku yami iyakusinda. 8 Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; nakwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.” 9 UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo, waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: “Ngithi kini: Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.” 10 Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile. 11 Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu. 12 Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye. 13 Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.” 14 Yasondela, yathinta uhlaka; abaluthweleyo base bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!” 15 Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina. 16 Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.” 17 Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona. 18 Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto. 19 UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” 20 Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ” 21 Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona. 22 Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 23 ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.” 24 Sezimukile izithunywa zikaJohane, yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 25 Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi. 26 Kodwa naphuma ukuyobonani na? Umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. 27 Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’ 28 “Ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.” 29 Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane. 30 Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye. 31 “Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? Bafana nani na? 32 Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi: “ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’ 33 “Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi-ke: ‘Unedemoni.’ 34 Ifikile iNdodana yomuntu, idla, iphuza, senithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.’ 35 Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke.” 36 Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni. 37 Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha, 38 wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha. 39 Kuthe umFarisi obemmemile ekubona, wazindla wathi: “Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.” 40 UJesu waphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.” Wathi: “Khuluma-ke, Mfundisi.” 41 “Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. 42 Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?” 43 USimoni waphendula wathi: “Ngithi yilowo amyekela okukhulu.” Wathi kuye: “Unqume kahle.” 44 Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. 45 Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. 46 Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. 47 Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.” 48 Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.” 49 Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi: “Ngubani lo othethelela nezono na?” 50 Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”

Luka 8

1 Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili 2 nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni: uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena, okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa, 3 noJowana umkaKhuza, induna kaHerode, noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo. 4 Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi: 5 “Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. 6 Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama. 7 Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa. 8 Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.” Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” 9 Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na? 10 Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi. 11 “Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. 12 Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe. 13 Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke. 14 Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe. 15 Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela. 16 “Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. 17 Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala. 18 Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.” 19 Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. 20 Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.” 21 Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.” 22 Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. 23 Kuthe besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini. 24 Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.” Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. 25 Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?” 26 Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile. 27 Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni. 28 Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.” 29 Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane. 30 UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “ULegiyona,” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye. 31 Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. 32 Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela. 33 Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza. 34 Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni. 35 Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo. 36 Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni. 37 Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva. 38 Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi: 39 “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu. 40 Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile. 41 Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. 42 Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa. 43 Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu, 44 weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe. 45 UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Bephika bonke, wathi uPetru nababe naye: “Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.” 46 Kepha uJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.” 47 Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho. 48 Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.” 49 Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” 50 Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.” 51 Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina. 52 Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.” 53 Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. 54 Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” 55 Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla. 56 Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

Luka 9

1 Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. 2 Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. 3 Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili. 4 Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. 5 Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.” 6 Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. 7 Kwathi uHerode umtetrarki ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo, 8 ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala. 9 Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona. 10 Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida. 11 Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa. 12 Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” 13 Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.” 14 Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.” 15 Benze njalo, babahlalisa bonke. 16 Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. 17 Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili. 18 Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?” 19 Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.” 20 Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.” 21 Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho, 22 wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.” 23 Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. 24 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa. 25 Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na? 26 Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele. 27 Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.” 28 Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka. 29 Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela. 30 Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili ayengoMose no-Eliya; 31 abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema. 32 UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye. 33 Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini. 34 Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini. 35 Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.” 36 Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo. 37 Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza. 38 Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi. 39 Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile. 40 Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.” 41 UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.” 42 Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise. 43 Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe: 44 “Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.” 45 Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho. 46 Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo. 47 Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe, 48 wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.” 49 UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.” 50 Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.” 51 Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema. 52 Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele. 53 Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema. 54 Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?” 55 Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. 56 Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa;” base beya komunye umuzi. 57 Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” 58 UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” 59 Wayesethi komunye: “Ngilandele.” Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” 60 Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.” 61 Nomunye-ke wathi: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.” 62 Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”

Luka 10

1 Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa, yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona. 2 Yathi kubo: “Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo. 3 Hambani; bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi. 4 Ningaphathi sikhwama, nayika, nazicathulo, ningabingeleli muntu endleleni. 5 “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: ‘Ukuthula makube kule ndlu.’ 6 Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini. 7 Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu. 8 “Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu, 9 niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’ 10 Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo, benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi: 11 ‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’ 12 Ngithi kini: Kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo suku kunakulowo muzi.” 13 “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha. 14 Kepha kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ekwahlulelweni kunakini. 15 Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese. 16 “Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.” 17 Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: “Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.” 18 Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi. 19 Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho. 20 Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.” 21 Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo. 22 Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.” 23 Waphendukela kubafundi bebodwa, wathi: “Abusisiwe amehlo abona enikubonayo. 24 Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.” 25 Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” 26 Wathi kuso: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?” 27 Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” 28 Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.” 29 Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?” 30 UJesu waphendula wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje. 31 Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela. 32 Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela. 33 Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela; 34 waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina. 35 Ngangomuso wakhipha odenariyu ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: ‘Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.’ 36 “Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?” 37 Sathi: “Yilowo owamenzela isihawu.” Wayesethi uJesu kuso: “Hamba wenze njalo nawe.” 38 Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe. 39 Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo. 40 Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: “Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.” 41 Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi. 42 Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”

Luka 11

1 Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.” 2 Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; 3 usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla; 4 usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.’ ” 5 Wathi kubo: “Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu, 6 ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;’ 7 yena-ke ophakathi aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike,’ na? 8 Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo. 9 “Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. 10 Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. 11 “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; 12 uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? 13 Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” 14 Wakhipha idemoni, laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni, wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala. 15 Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.” 16 Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini. 17 Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu. 18 NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule. 19 Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. 20 Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini. 21 “Uma isiqhwaga sihlomile, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlezi ngokuthula. 22 Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso. 23 “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. 24 “Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula; engakufumani uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ 25 Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe. 26 Khona abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.” 27 Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.” 28 Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.” 29 Sekubuthana kuye izixuku, waqala ukukhuluma, wathi: “Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona. 30 Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve, iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane. 31 Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane, iwalahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. 32 Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona. 33 “Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya. 34 Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama. 35 Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama. 36 Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.” 37 Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye; wangena, wahlala ekudleni. 38 UmFarisi wamangala ebona ukuthi kaqalanga ngokuhlamba engakadli. 39 Yayisithi iNkosi kuye: “Manje-ke nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi. 40 Ziwula, yena owalenza ingaphandle akalenzanga nengaphakathi na? 41 Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini. 42 “Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho. 43 “Maye kinina baFarisi, ngokuba nithanda izihlalo eziphambili emasinagogeni nokubingelelwa ezigcawini zokuthengelana! 44 “Maye kinina, ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo, nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!” 45 Wayesephendula omunye wezazimthetho, wathi kuye: “Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi.” 46 Kepha wathi: “Maye nakinina zazimthetho, ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu. 47 “Maye kinina, ngokuba niyawakha amathuna abaprofethi, kanti oyihlo bababulala! 48 Ngalokho ningofakazi, nivuma imisebenzi yawoyihlo; ngokuba bona bababulala, nina-ke niyawakha amathuna abo. 49 Ngenxa yalokho ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwathi: ‘Ngiyakuthumela kubo abaprofethi nabaphostoli; abanye bayakubabulala, abanye babazingele,’ 50 ukuze kubizwe kulesi sizukulwane igazi labaprofethi bonke elachithwa kwasekusekelweni komhlaba, 51 kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwe-altare nethempeli. Yebo, ngithi kini: Lizakubizwa kulesi sizukulwane. 52 “Maye kinina zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela.” 53 Kuthe ephuma lapho, ababhali nabaFarisi baqala ukumzonda kabi nokumbuzisisa ngokuninginingi, 54 bemqamekela ukuba babambe into ephuma emlonyeni wakhe.

Luka 12

1 Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa. 2 Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa. 3 Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu. 4 “Kepha ngithi kinina bahlobo bami: Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho. 5 Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo. 6 Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. 7 Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi. 8 “Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu; 9 kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu. 10 Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa, kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa. 11 “Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni, nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani, 12 ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona leso sikhathi okufanele nikukhulume.” 13 Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.” 14 Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?” 15 Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” 16 Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle. 17 Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’ 18 “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. 19 Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’ 20 “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’ 21 “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.” 22 Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. 23 Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho. 24 Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni. 25 Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na? 26 Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na? 27 “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. 28 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane. 29 Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki. 30 Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. 31 Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina. 32 “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso. 33 Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona. 34 Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu. 35 “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. 36 Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. 37 Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze. 38 Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo. 39 Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe. 40 Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.” 41 UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?” 42 Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho? 43 Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo. 44 Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. 45 Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe, 46 inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile. 47 “Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi; 48 kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho. 49 “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe. 50 Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke. 51 Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana. 52 Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu; 53 bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.” 54 Wayesethi nakuzo izixuku: “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga, masinyane nithi: ‘Iyeza imvula,’ kube njalo. 55 Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: ‘Lizakubalela,’ kube njalo. 56 Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na? 57 “Pho, yini ukuba ninganqumi ngokwenu okulungileyo na? 58 Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye, funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli, umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni. 59 Ngithi kuwe: Awusoze waphuma khona, uze ukhokhe ifadingi lokuphela.”

Luka 13

1 Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo. 2 Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na? 3 Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke. 4 Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na? 5 Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.” 6 Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga. 7 Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’ 8 “Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; 9 mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ” 10 Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. 11 Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. 12 Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” 13 Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu. 14 Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.” 15 Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? 16 Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?” 17 Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye. 18 Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na? 19 Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.” 20 Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na? 21 Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.” 22 Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema. 23 Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” Wathi kubo: 24 “Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke. 25 Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’ 26 “Lapho-ke niyakuqala ukuthi: ‘Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’ 27 “Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’ 28 “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle. 29 Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu. 30 Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.” 31 Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.” 32 Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ 33 Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema. 34 “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga. 35 Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

Luka 14

1 Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele. 2 Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi. 3 UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?” 4 Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa. 5 Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?” 6 Bahluleka ukuphendula kulokho. 7 Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo: 8 “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye, 9 eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni. 10 Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni. 11 Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.” 12 Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana. 13 Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe; 14 uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.” 15 Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.” 16 Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi. 17 Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’ 18 “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ 19 “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’ 20 “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’ 21 “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’ 22 “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’ 23 “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami. 24 Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ” 25 Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo: 26 “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami. 27 Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami. 28 “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? 29 Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, 30 bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’ 31 “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? 32 Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula. 33 Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami. 34 “Usawoti uyinto enhle; kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na? 35 Akasafanele namhlabathi namquba; uyalahlwa nje phandle; onezidlebe zokuzwa makezwe.”

Luka 15

1 Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa. 2 AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi: “Lo muntu wamukela izoni, adle nazo.” 3 Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi: 4 “Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? 5 Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. 6 Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’ 7 Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka. 8 “Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole? 9 Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’ 10 Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.” 11 Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili. 12 Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla. 13 “Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala. 14 Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela. 15 Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. 16 Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu. 17 “Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha. 18 Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; 19 angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’ 20 Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga. 21 “Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’ 22 “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, 23 nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule; 24 ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula. 25 “Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. 26 Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho. 27 Wathi kuyo: ‘Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola ephilile.’ 28 “Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga. 29 Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami, 30 kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’ 31 “Wayesethi kuyo: ‘Mntanami, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. 32 Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.’ ”

Luka 16

1 Wayesekhuluma nakubafundi bakhe, ethi: “Kwakukhona umuntu othile oyisicebi, owayenomphathi; yena wamangalelwa kuye ngokuthi uchitha impahla yakhe. 2 Wambiza, wathi kuye: ‘Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? Landa ngobuphathi bakho, ngokuba ungebe usaba ngumphathi.’ 3 “Wayesethi umphathi phakathi kwakhe: ‘Ngizakwenze njani, lokhu inkosi yami ingaphuca ubuphathi? Anginamandla okulima, nginamahloni ukunxiba. 4 Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuba bangamukele ezindlini zabo, nxa ngikhishwa ebuphathini.’ 5 “Wababiza ngabanye abanamacala enkosini yakhe, wathi kowokuqala: ‘Unecala elingakanani enkosini yami na?’ 6 “Wathi: ‘Amabhati ayikhulu amafutha.’ “Wayesethi kuye: ‘Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amashumi ayisihlanu.’ 7 “Khona wathi komunye: ‘Wena-ke unecala elingakanani na?’ “Wathi: ‘Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni.’ “Wathi kuye: ‘Thatha incwadi yakho, ulobe amashumi ayisishiyagalombili.’ 8 “Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya. 9 Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade. 10 “Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu. 11 Ngakho uma beningathembeki kokukaMamona ongalungile, ubani oyakuniphathisa okuyikhonakhona na? 12 Futhi uma beningathembeki kokomunye, ubani oyakuninika okungokwenu na? 13 “Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba kokunye iyakuzonda enye, ithande enye, noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.” 14 AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela. 15 Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu. 16 “Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo. 17 Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuwe ibalana elilodwa lomthetho. 18 “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga. 19 “Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa. 20 Kwakukhona futhi ompofu othile, nguLazaru igama lakhe, owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda, 21 enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda. 22 “Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa. 23 SesiseHayidese saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. 24 Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’ 25 “Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa. 26 Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nabalapho bangaweleli kithi.’ 27 “Sase sithi: ‘Njalo ngiyakucela, baba, ukuba umthumele endlini kababa, 28 ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze afakaze kubo, bangezi nabo kule ndawo yobuhlungu.’ 29 “Kepha u-Abrahama wathi: ‘BanoMose nabaprofethi; mabezwe bona.’ 30 “Sathi-ke: ‘Qha, baba Abrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo, aye kubo, bayakuphenduka.’ 31 “Kepha wathi kuso: ‘Uma bengalaleli uMose nabaprofethi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.’ ”

Luka 17

1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye! 2 Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. 3 Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. 4 Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.” 5 Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.” 6 Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela. 7 “Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: ‘Sondela masinyane, uhlale phansi, udle’? 8 Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: ‘Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena,’ na? 9 Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na? 10 Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.’ ” 11 Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. 12 Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, 13 aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” 14 Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. 15 Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, 16 yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya. 17 Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? 18 Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?” 19 Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.” 20 Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo. 21 Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.” 22 Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. 23 Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli. 24 Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. 25 Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane. 26 “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. 27 Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. 28 “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; 29 kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke; 30 kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. 31 Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva. 32 Khumbulani umkaLoti. 33 Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza. 34 Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 35 Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 36 Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.” 37 Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”

Luka 18

1 Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali. 2 Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu. 3 Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: ‘Ngizwele esitheni sami.’ 4 “Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu, 5 nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.’ ” 6 Yayisithi iNkosi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile. 7 UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na? 8 Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?” 9 Wayesekhuluma kwabathile ababezethemba ukuthi balungile, bedelela abanye, ebalandisa lo mfanekiso ngokuthi: 10 “Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi. 11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi. 12 Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’ 13 “Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’ 14 “Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.” 15 Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza. 16 Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. 17 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.” 18 Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” 19 Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. 20 Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ” 21 Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.” 22 UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” 23 Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu. 24 UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. 25 Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” 26 Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?” 27 Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.” 28 Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.” 29 Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu, 30 ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.” 31 Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. 32 Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, 33 bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.” 34 Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo. 35 Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba. 36 Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?” 37 Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.” 38 Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!” 39 Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!” 40 Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi: 41 “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.” 42 UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.” 43 Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.

Luka 19

1 Wangena eJeriko, wadabula khona. 2 Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile. 3 Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane. 4 Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona. 5 Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.” 6 Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza. 7 Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.” 8 Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.” 9 UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. 10 Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.” 11 Kuthe ukuba bakuzwe lokho, weleka walandisa umfanekiso, ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane. 12 Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye. 13 Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina abayishumi, wathi kuzo: ‘Hwebani ngabo, ngize ngibuye.’ 14 “Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’ 15 “Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba. 16 “Yavela-ke eyokuqala, yathi: ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi.’ 17 “Wathi kuyo: ‘Kuhle-ke, nceku enhle; lokhu ufunyanwe uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi.’ 18 “Yafika neyesibili, yathi: ‘Umina wakho, Nkosi, uzuze omina abayisihlanu.’ 19 “Wathi nakuleyo: ‘Nawe yiba phezu kwemizi eyisihlanu.’ 20 “Kwafika nenye, yathi: ‘Nkosi, nangu umina wakho ebengimkhwezile esongwe endwangwini. 21 Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga.’ 22 “Wathi kuyo: ‘Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumumtu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga; 23 awufakanga ngani imali yami ebhange, mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?’ 24 “Wayesethi kwababemi khona: ‘Maphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.’ 25 “Kepha bathi kuye: ‘Nkosi, unawomina abayishumi.’ 26 “Ngithi kini: Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho. 27 Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.” 28 Eseshilo lokho waqhubekela phambili, wakhuphukela eJerusalema. 29 Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eYeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, 30 ethi: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nothi ukuba ningene kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungazange kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. 31 Uma umuntu enibuza ethi: ‘Nilithukululelani na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga.’ ” 32 Ababethunyiwe bahamba-ke, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo. 33 Kuthe besalithukulula ithole, abaninilo bathi kubo: “Nilithukululelani ithole na?” 34 Bathi: “INkosi iyalidinga.” 35 Base beliletha kuJesu; babeka izingubo zabo phezu kwethole, bamkhwelisa uJesu. 36 Esahamba, babendlala izingubo zabo endleleni. 37 Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo, isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo, 38 sithi: “Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi, ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!” 39 Abanye babaFarisi besesixukwini bathi kuye: “Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.” 40 Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.” 41 Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela. 42 Wathi: “Sengathi nga wazi nawe ngalolu suku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho. 43 Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke, 44 zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.” 45 Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo, 46 wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi’.” 47 Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala. 48 Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani, ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.

Luka 20

1 Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela. 2 Bakhuluma, bathi kuye: “Sitshele ukuthi lokhu ukwenza ngagunya lini, nokuba ngubani okunike leli gunya na?” 3 Waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi, nize ningitshele. 4 Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na?” 5 Bazindlisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Anikholwanga nguye ngani na?’ 6 Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.” 7 Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona. 8 UJesu wayesethi kubo: “Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.” 9 Wayeseqala ukulandisa lo mfanekiso, ethi kubantu: “Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside. 10 Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa ze. 11 Waphinda wathuma enye inceku; naleyo bayishaya, bayidumaza, bayimukisa ze. 12 Wayesephinda ethuma neyesithathu; nalena bayilimaza, bayiphonsa ngaphandle. 13 “Khona wathi umninisivini: ‘Ngizakwenze njani na? Ngizakuthuma indodana yami ethandekayo; mhlawumbe lena bazakuyazisa.’ 14 “Kepha abalimi beyibona bakhulumisana bathi: ‘Lo uyindlalifa; masiyibulale ukuba ifa libe ngelethu.’ 15 Bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala; ngakho-ke umninisivini uzakwenze njani kubo na? 16 Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.” Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.” 17 Kepha wababheka, wathi: “Yini, pho, lokhu okulotshiweyo ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi’? 18 “Yilowo nalowo owayo phezu kwalelo tshe uyakuphohlozwa, kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.” 19 Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo. 20 Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe. 21 Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo. 22 Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?” 23 Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo: 24 “Ngiboniseni udenariyu; unomfanekiso nombhalo kabani?” Bathi: “OkaKesari.” 25 Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” 26 Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula. 27 Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; 28 bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. 29 Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana, 30 nowesibili; 31 nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana. 32 Ukugcina wafa nomfazi. 33 Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.” 34 UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa. 35 Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa; 36 ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka. 37 Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. 38 UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.” 39 Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.” 40 Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho. 41 Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? 42 lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, 43 ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ 44 “Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?” 45 Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe: 46 “Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni nasezindaweni ezingenhla ekudleni, 47 abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

Luka 21

1 Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo. 2 Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi amabili; 3 wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke. 4 Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho.” 5 Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo: 6 “Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.” 7 Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?” 8 Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli. 9 Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.” 10 Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; 11 kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. 12 “Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. 13 Kuyakunehlela kube ngubufakazi. 14 Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; 15 ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini. 16 Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo. 17 Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. 18 Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu. 19 Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu. 20 “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. 21 Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo. 22 Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo. 23 Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe. 24 Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe. 25 “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, 26 abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. 27 Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. 28 Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” 29 Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. 30 Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. 31 Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. 32 “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. 33 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. 34 “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele, 35 ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. 36 Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.” 37 Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo. 38 Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.

Luka 22

1 Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. 2 Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu. 3 Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. 4 Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo. 5 Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali. 6 Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku. 7 Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika. 8 Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.” 9 Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?” 10 Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, 11 nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ 12 Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.” 13 Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika. 14 Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye. 15 Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. 16 Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.” 17 Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; 18 ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.” 19 Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” 20 Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. 21 Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. 22 Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” 23 Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho. 24 Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu. 25 Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle. 26 Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo. 27 Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. 28 Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; 29 nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona 30 ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. 31 “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; 32 kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.” 33 Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.” 34 Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.” 35 Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?” Bathi: “Lutho.” 36 Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba. 37 Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.” 38 Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.” 39 Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. 40 Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” 41 Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, 42 wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” 43 Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. 44 Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. 45 Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. 46 Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.” 47 Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. 48 Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” 49 Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?” 50 Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. 51 Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa. 52 Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. 53 Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.” 54 Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. 55 Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo. 56 Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.” 57 Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.” 58 Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.” Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.” 59 Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.” 60 Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. 61 INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.” 62 Waphumela phandle, wakhala kamunyu. 63 Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya. 64 Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?” 65 Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka. 66 Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, 67 bathi: “Uma unguKristu, sitshele.” Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa; 68 noma ngibuza, anisoze naphendula. 69 Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.” 70 Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?” Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.” 71 Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”

Luka 23

1 Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu. 2 Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.” 3 UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Usho khona.” 4 Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.” 5 Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.” 6 UPilatu esezwa lokho wabuza ukuba lowo muntu ungowaseGalile yini. 7 Esethole ukwazi ukuthi ungowesifunda sikaHerode, wamthumela kuHerode owayekhona naye eJerusalema ngalezo zinsuku. 8 Kwathi uHerode embona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kukade efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye. 9 Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho. 10 Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. 11 Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. 12 Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabahlobo; ngokuba ngaphambili kwakukhona ubutha phakathi kwabo. 13 UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu, 14 wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo; 15 kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi; bheka-ke, akenzanga lutho afanele ukufa ngalo. 16 Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule.” 17 Ubemelwe phela ukubakhululela abe munye ngomkhosi. 18 Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBaraba,” 19 yena owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala. 20 UPilatu wabuye wakhuluma kubo efuna ukumkhulula uJesu; 21 kodwa bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!” 22 Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.” 23 Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba. 24 Wayesenquma uPilatu ngokuthi akwenziwe abakufunayo. 25 Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo. 26 Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu. 27 Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. 28 Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. 29 Ngokuba bhekani, kuyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba nezizalo ezingazalanga namabele angancelisanga.’ 30 Khona “ ‘bayakuqala ukuthi ezintabeni: “Welani phezu kwethu,” nasemagangeni: “Sisibekeleni.” ’ 31 “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.” 32 Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye. 33 Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. 34 Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho. 35 Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.” 36 Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga, 37 ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” 38 Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA. 39 Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.” 40 Sase siphendula esinye, sasithethisa sathi: “Nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na? 41 thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.” 42 Sase sithi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.” 43 Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.” 44 Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye; 45 kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. 46 UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa. 47 Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.” 48 Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo. 49 Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto. 50 Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo — 51 yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo — eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu; 52 yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. 53 Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. 54 Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala. 55 Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. 56 Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.

Luka 24

1 Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. 2 Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. 3 Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. 4 Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo. 5 Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? 6 Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, 7 ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ” 8 Bawakhumbula-ke amazwi akhe. 9 Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. 10 KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho. 11 Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo. 12 Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. 13 Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha. 14 Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. 15 Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. 16 Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi. 17 Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele. 18 Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?” 19 Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, 20 ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni. 21 Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. 22 Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni; 23 kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. 24 Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.” 25 Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! 26 UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” 27 Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. 28 Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili. 29 Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. 30 Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika. 31 Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo. 32 Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?” 33 Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye, 34 bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.” 35 Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa. 36 Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” 37 Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo. 38 Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na? 39 Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” 40 Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. 41 Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?” 42 Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. 43 Wakuthatha, wadla phambi kwabo. 44 Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ” 45 Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. 46 Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, 47 kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. 48 Nina-ke ningofakazi balezi zinto. 49 Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.” 50 Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. 51 Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini. 52 Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. 53 Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE