Zulu of South Africa

EkaJakobe

EkaJakobe 1

1 UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo. 2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, 3 nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. 4 Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho. 5 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. 6 Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. 7 Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi, 8 umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke. 9 Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, 10 kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. 11 Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso. 12 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo. 13 Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu. 14 Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; 15 uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa. 16 Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo. 17 Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. 18 Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe. 19 Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela; 20 ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu. 21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. 22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. 23 Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; 24 ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. 25 Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe. 26 Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize. 27 Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.

EkaJakobe 2

1 Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu. 2 Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi, 3 nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,” 4 anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na? 5 Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na? 6 Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na? 7 Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na? 8 Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle; 9 kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo. 10 Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke. 11 Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho. 12 Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko. 13 Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni. 14 Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? 15 Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, 16 kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? 17 Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. 18 Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami. 19 Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. 20 Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na? 21 U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na? 22 Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi, 23 kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu. 24 Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela. 25 Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na? 26 Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

EkaJakobe 3

1 Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu. 2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu. 3 Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo. 4 Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona. 5 Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka; 6 nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo. 7 Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu; 8 kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo. 9 Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu; 10 emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo. 11 Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na? 12 Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi. 13 Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. 14 Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso. 15 Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni; 16 ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi. 17 Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa. 18 Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

EkaJakobe 4

1 Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? 2 Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli; 3 niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu. 4 Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu. 5 Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na? 6 Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.” 7 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela; 8 sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili. 9 Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha. 10 Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa. 11 Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli. 12 Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na? 13 Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,” 14 anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. 15 Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.” 16 Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. 17 Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.

EkaJakobe 5

1 Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela. 2 Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu; 3 igolide lenu nesiliva kugwalile, nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela. 4 Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti. 5 Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba. 6 Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani. 7 Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva. 8 Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele. 9 Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango. 10 Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. 11 Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu. 12 Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni. 13 Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube. 14 Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. 15 Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona. 16 Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu. 17 U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha. 18 Wabuye wakhuleka; izulu lana imvula, nomhlaba wathela izithelo zawo. 19 Bazalwane bami, uma omunye kini eduka eqinisweni, omunye ambuyise, 20 yazini ukuthi obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE