Zulu of South Africa

Galathiya

Galathiya 1

1 UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo, 2 nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya: 3 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu 4 owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu; 5 makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen. 6 Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli, 7 elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu. 8 Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo. 9 Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo. 10 Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu. 11 Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuba ivangeli elishunyayelwe yimina alisilo elingokwabantu. 12 Ngokuba nami angilamukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kepha ngilithole ngokwambulelwa nguJesu Kristu. 13 Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha, 14 futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho. 15 Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe 16 ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi, 17 futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku. 18 Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu. 19 Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi. 20 Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani, phambi kukaNkulunkulu, angiqambi amanga. 21 Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya. 22 Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu, 23 abesezwile nje ukuthi: “Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha.” 24 Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.

Galathiya 2

1 Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi. 2 Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe, kepha phambi kwabadumileyo bebodwa, funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize. 3 Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke. 4 Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila, 5 esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina. 6 Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto — nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu — ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho. 7 Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo, 8 ngokuba yena owanika uPetru amandla ukuba abe ngumphostoli wabasokayo wanginika nami amandla ukuba ngibe ngumphostoli wabezizwe, 9 bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo, 10 kuphela ukuba sikhumbule abampofu, eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza. 11 Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala. 12 Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka. 13 Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo. 14 Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na? 15 “Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; 16 kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama. 17 “Kepha uma thina, lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu, nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye. 18 Ngokuba uma ngibuye ngakhe engikudilizileyo, ngifakaza ukuthi ngingoweqa umthetho. 19 Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu; 20 akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. 21 Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”

Galathiya 3

1 O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na? 2 Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? 3 Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na? 4 Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze. 5 Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? 6 Njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga. 7 Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama. 8 Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.” 9 Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo. 10 Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.” 11 Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa; 12 ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho. 13 UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,” 14 ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa. 15 Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo. 16 Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu. 17 Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso; 18 ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso. 19 Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli. 20 Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye. 21 Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho. 22 Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. 23 Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa. 24 Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. 25 Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi. 26 Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. 27 Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu. 28 Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu. 29 Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.

Galathiya 4

1 Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane, kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke; 2 kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili. 3 Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe; 4 kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, 5 ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana. 6 Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!” 7 Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu. 8 Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo; 9 kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na? 10 Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka. 11 Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze. 12 Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho; 13 kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala, 14 nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu. 15 Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona. 16 Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na? 17 Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona. 18 Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela, 19 bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini; 20 kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani. 21 Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na? 22 Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo. 23 Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso. 24 Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari. 25 Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo. 26 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu. 27 Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazaliyo; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda.” 28 Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso. 29 Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje. 30 Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.” 31 Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, singabokhululekileyo.

Galathiya 5

1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila. 2 Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho. 3 Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke. 4 Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. 5 Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. 6 Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando. 7 Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na? 8 Lokho kuyenga akuveli konibizayo. 9 Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke. 10 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani. 11 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano. 12 Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo. 13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando. 14 Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.” 15 Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani. 16 Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. 17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo. 18 Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho. 19 Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, 20 nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, 21 nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. 22 Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, 23 nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo. 24 Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. 25 Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya. 26 Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.

Galathiya 6

1 Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe. 2 Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu. 3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa. 4 Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye, 5 ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo. 6 Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle. 7 Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. 8 Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya. 9 Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali. 10 Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa. 11 Ake nibone ukuloba okungaka enginilobele ngakho ngesami isandla. 12 Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu. 13 Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu. 14 Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe. 15 Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela. 16 Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu. 17 Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu. 18 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE