Zulu of South Africa

Kolose

Kolose 1

1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane 2 kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. 3 Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela, 4 lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele, 5 ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli 6 elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso, 7 njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu; 8 okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya. 9 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, 10 nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, 11 niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula; 12 nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni, 13 owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; 14 okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono, 15 yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke, 16 ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; 17 yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo; 18 yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke, 19 ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo 20 nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini. 21 Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi, 22 nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe, 23 uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu. 24 Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla; 25 engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu, 26 ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe; 27 okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo; 28 okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu, 29 engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Kolose 2

1 Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo, 2 ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu, 3 okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi. 4 Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga. 5 Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu. 6 Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye, 7 nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga. 8 Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu. 9 Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu; 10 nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla, 11 enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu; 12 nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. 13 Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu; 14 esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni; 15 ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso. 16 Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha, 17 okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu. 18 Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama, 19 engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu. 20 Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi: 21 “Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,” 22 okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu 23 ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.

Kolose 3

1 Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; 2 nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. 3 Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu; 4 nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni. 5 Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, 6 okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, 7 ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; 8 kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; 9 ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, 10 nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo, 11 lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke. 12 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, 13 nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. 14 Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela. 15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo. 16 Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga. 17 Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye. 18 Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini. 19 Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli. 20 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini. 21 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali. 22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi. 23 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, 24 nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu. 25 Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.

Kolose 4

1 Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini. 2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. 3 Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo, 4 ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. 5 Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. 6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu. 7 Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini, 8 engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu, 9 kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha. 10 Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye — uma efika kini mamukeleni — 11 noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. 13 Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi. 14 Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema. 15 Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe. 16 Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya. 17 Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.” 18 Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami, mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE