Zulu of South Africa

IzEnzo

IzEnzo 1

1 Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, 2 kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; 3 waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu; 4 kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. 5 Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.” 6 Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” 7 Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe; 8 kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.” 9 Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo. 10 Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, 11 athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.” 12 Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. 13 Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. 14 Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. 15 Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi: 16 “Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu, 17 ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.” 18 Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; 19 kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi. 20 Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yihlane, kungabikho ohlala kuwo,” nokuthi: “Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.” 21 “Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu, 22 kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.” 23 Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya. 24 Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo 25 ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.” 26 Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

IzEnzo 2

1 Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. 2 Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. 3 Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. 4 Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. 5 Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; 6 kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. 7 Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? 8 Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? 9 AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya, 10 naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma, 11 nabaJuda namaproselite, abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” 12 Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?” 13 Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.” 14 Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami. 15 Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini; 16 kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi: 17 “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; 18 yebo, naphezu kwezinceku zami nezincekukazi zami ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla, ziyakuprofetha. 19 Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulu nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi. 20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi. 21 Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’ 22 “Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu, 23 yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala; 24 lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. 25 Ngokuba uDavide uthi ngaye: “ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa. 26 Ngalokho inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. 27 Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese, futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola. 28 Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’ 29 “Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla. 30 Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, 31 ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese, nenyama yakhe ayibonanga ukubola. 32 UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke; 33 ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. 34 Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, 35 ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ 36 “Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.” 37 Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?” 38 UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. 39 Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.” 40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” 41 Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu. 42 Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. 43 Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. 44 Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; 45 bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. 46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, 47 bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

IzEnzo 3

1 UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye. 2 Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini. 3 Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho. 4 Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!” 5 Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo. 6 Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” 7 Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala, 8 egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu. 9 Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu. 10 Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye. 11 Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu. 12 Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na? 13 UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula; 14 kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali, 15 nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina. 16 Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke. 17 “Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu. 18 Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje. 19 Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, 20 ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo, 21 okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade. 22 UMose kambe wathi: ‘INkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami, niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini. 23 Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’ 24 “Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku. 25 Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’ 26 UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”

IzEnzo 4

1 Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela, 2 benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo, 3 bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile. 4 Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu. 5 Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo, 6 no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu, 7 babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?” 8 Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga, 9 nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani, 10 makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile. 11 Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi. 12 “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” 13 Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu; 14 kepha bebona umuntu ophilisiweyo emi nabo, babengenakuphika lutho. 15 Kodwa sebebayalile ukuba baphume emphakathini balulekana bodwa, 16 bathi: “Sizakubenzani laba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo, asinakukuphika. 17 Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu, asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.” 18 Base bebabiza, babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. 19 Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, 20 ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” 21 Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo; 22 ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane. 23 Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo. 24 Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, 25 owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na? 26 Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo.’ 27 “Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo 28 ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke. 29 Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi 30 ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.” 31 Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. 32 Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke. 33 Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. 34 Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho, 35 bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe. 36 Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa, 37 enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.

IzEnzo 5

1 Kepha indoda ethile, igama layo lingu-Ananiya, inoSafira umkayo, yathengisa ngendawo; 2 yagodla inxenye yemali, nomkayo ekwazi, yaletha inxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli. 3 Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na? 4 Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.” 5 Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho. 6 Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela. 7 Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo. 8 UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?” Wathi: “Yebo, ngokungaka.” 9 Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.” 10 Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe. 11 Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho. 12 Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni. 13 Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu; 14 benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane, 15 ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo. 16 Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke. 17 Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu, 18 babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso. 19 Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi: 20 “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.” 21 Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe. 22 Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni; zase zibuyela emuva, zabika 23 zathi: “Indlu yeziboshwa sayifumana ivaliwe, iqinile impela, nabalindi bemi eminyango; kepha sesivulile asifumananga muntu ngaphakathi.” 24 Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na? 25 Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.” 26 Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. 27 Sebebalethile babamisa emphakathini; umpristi omkhulu wababuza, 28 wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.” 29 Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu. 30 UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini; 31 lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono. 32 Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.” 33 Bona sebezwile bathukuthela, bafuna ukubabulala. 34 Kwase kusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke, wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana; 35 wayesethi kubo: “Madoda akwa-Israyeli, qaphelani kulokho enizakukwenza kulaba bantu. 36 Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela. 37 Emva kwalowo kwasuka uJuda waseGalile ezinsukwini zokubhalwa; wahlubukisa abantu ukuba bamlandele; nalowo wabhubha, nabo bonke abamlalelayo bahlakazeka. 38 Manje-ke ngithi kini: Dedani kulaba bantu, nibayeke, ngokuba uma leli su nalo msebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka; 39 kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke. 40 Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula. 41 Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama; 42 abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.

IzEnzo 6

1 Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla. 2 Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. 3 Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi. 4 Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” 5 Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite lase-Antiyokiya, 6 babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo. 7 Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo. 8 Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. 9 Kwase kusuka abanye besinagoge elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu; 10 kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho. 11 Khona bathenga amadoda athi: “Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,” 12 bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini; 13 bamisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho; 14 ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.” 15 Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

IzEnzo 7

1 Umpristi omkhulu wayesethi: “Nembala lokhu kunjalo na?” 2 Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana, 3 wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.’ 4 “Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje. 5 Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana. 6 UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakuyenza izigqila, bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. 7 Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.’ 8 Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. 9 “Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye, 10 wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe. 11 “Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla. 12 UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe, wathuma obaba ngokokuqala; 13 kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa. 14 UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. 15 UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba. 16 Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi. 17 “Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho ku-Abrahama, banda abantu, baba baningi eGibithe, 18 kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa. 19 Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili. 20 “Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, waba muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise; 21 eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. 22 UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe; waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe. 23 “Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. 24 Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. 25 Ubethemba ukuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga. 26 Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’ 27 “Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na? 28 Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?’ 29 Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. 30 “Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. 31 UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi: 32 ‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. 33 “INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izicathulo ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. 34 Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’ 35 “UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi. 36 Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. 37 “Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’ 38 Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona. 39 “Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo, 40 bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuba wehlelwe yini.’ 41 Benza ithole ngaleyo mihla, baletha umhlatshelo esithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo. 42 Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na? 43 Qha, nathatha itende likaMoloki nenkanyezi kankulunkulu uRemfani, imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo. Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni.’ 44 “Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile; 45 obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide 46 owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo. 47 Kepha nguSolomoni owamakhela indlu. 48 “Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi: 49 “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi, ‘noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na? 50 Isandla sami asikwenzanga konke lokho na?’ 51 “Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani. 52 Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe, 53 nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga.” 54 Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo. 55 Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, 56 wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” 57 Base bekhamuluka ngezwi elikhulu, bavala izindlebe, batheleka kuye kanyekanye, 58 bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu. 59 UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.” 60 Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.

IzEnzo 8

1 Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. 2 Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. 3 Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. 4 Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. 5 UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. 6 Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. 7 Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; 8 kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. 9 Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu; 10 banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,” 11 babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe. 12 Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. 13 Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo. 14 Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; 15 sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, 16 ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. 17 Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele. 18 Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, 19 wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.” 20 Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. 21 Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. 22 Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, 23 ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.” 24 USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.” 25 Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya. 26 Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.” 27 Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; 28 ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya. 29 UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.” 30 UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?” 31 Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo. 32 Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe. 33 Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” 34 Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?” 35 UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu. 36 Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” 37 UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.” 38 Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza. 39 Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. 40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

IzEnzo 9

1 Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu, 2 wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. 3 Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. 4 Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.” 5 Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; 6 kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.” 7 Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu. 8 USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. 9 Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi. 10 Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.” 11 INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka; 12 ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.” 13 Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; 14 nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.” 15 INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli, 16 ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.” 17 Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” 18 Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa; 19 esedlile wathola amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. 20 Masinyane washumayela emasinagogeni ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. 21 Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?” 22 Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu. 23 Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale. 24 Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale. 25 Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma. 26 Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. 27 Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu. 28 Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi, 29 ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala. 30 Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu. 31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele. 32 Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida. 33 Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. 34 Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane. 35 Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini. 36 EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho. 37 Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu. 38 Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.” 39 Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo. 40 Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama. 41 Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile. 42 Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. 43 Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

IzEnzo 10

1 Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya; 2 wayengumuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo. 3 Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!” 4 Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu. 5 Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru; 6 yena ungenisile kwaSimoni othile, umshuki, ondlu yakhe ingaselwandle.” 7 Isimukile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayehlala naye njalo, 8 wabalandisa konke, wabathumela eJopha. 9 Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha. 10 Khona walamba kakhulu, wafuna ukudla; kepha besamlungisela wehlelwa yisiyezi, 11 wabona izulu livulekile nesitsha esithile sehla sinjengendwangu enkulu, sehliselwa emhlabeni ngamachopho amane. 12 Kusona kwakukhona zonke izilwane ezinezinyawo ezine, nezinwabuzelayo zomhlaba, nezinyoni zezulu. 13 Kwavela izwi, lathi kuye: “Vuka, Petru; hlaba, udle.” 14 Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.” 15 Izwi laphinda lasho kuye ngokwesibili, lathi: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.” 16 Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini. 17 UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni, ema ngasesangweni, 18 amemeza ebuza ukuthi uSimoni othiwa uPetru ungenisile yini lapho. 19 UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna; 20 sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo.” 21 UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?” 22 Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.” 23 Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela. 24 Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu. 25 Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka. 26 Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.” 27 Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene. 28 Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile. 29 Ngakho lokhu ngibiziwe, ngizile ngingalanga. Ngakho-ke sengiyabuza ukuthi ningibizeleni na?” 30 UKorneliyu wathi: “Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami, 31 yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu. 32 Ngakho thumela eJopha, ubize uSimoni othiwa uPetru; yena ungenisile endlini kaSimoni umshuki ngaselwandle.’ 33 Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.” 34 Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, 35 kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye. 36 Walithumela izwi kubantwana bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke. 37 Niyalazi izwi elamenyezelwa eJudiya lonke, liqalile eGalile, emva kokubhapathiza akushumayelayo uJohane 38 lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye. 39 “Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini. 40 Lowo uNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu, wamnika ukuba abonakale, 41 kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo. 42 Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi: Nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo. 43 Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.” 44 Kwathi uPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi. 45 Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe. 46 Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. Khona uPetru waphendula wathi: 47 “Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?” 48 Wayeseyala ukuba babhapathizwe egameni leNkosi. Base bemncenga ukuba ahlale izinsuku ezithile.

IzEnzo 11

1 Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu. 2 Kwathi ukuba uPetru enyukele eJerusalema, abokusoka baphikisana naye, 3 bathi: “Ungene kubantu abangasokile, wadla nabo.” 4 Kepha uPetru wabathathela konke ngokulandelana, wathi: 5 “Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka; ngehlelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi. 6 Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu. 7 Ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sukuma, Petru; hlaba, udle.’ 8 “Kepha ngathi: ‘Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.’ 9 “Khona izwi elivela ezulwini laphendula ngokwesibili, lathi: ‘Lokho akuhlambululileyo uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kuyichilo.’ 10 Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini. 11 “Bhekani, ngaso leso sikhathi kwase kumi amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo; ayethunyelwe kimi, evela eKesariya. 12 UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda. 13 Yasibikela-ke ukuthi yayibonile ingelosi imi endlini yayo, ithi: ‘Thumela eJopha, ulande uSimoni othiwa uPetru 14 ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nendlu yakho yonke.’ 15 “Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni. 16 Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.’ 17 Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?” 18 Bathi ukuzwa lokho, bathula, badumisa uNkulunkulu, bathi: “Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.” 19 Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela. 20 Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. 21 Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini. 22 Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya; 23 wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo. 24 Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi. 25 UBarnaba wayeseya eTarsu ukuba afune uSawulu; 26 kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu. 27 Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema. 28 Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu. 29 Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya. 30 Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.

IzEnzo 12

1 Ngaleso sikhathi uHerode inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla. 2 Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba. 3 Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo. 4 Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika. 5 Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu. 6 Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo. 7 Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe. 8 Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake izicathulo zakho.” Wenze njalo. Yathi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.” 9 Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi, kodwa wayethi ubona umbono. 10 Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo, baphuma, badlula isitaladi saba sinye; ingelosi yayisimshiya masinyane. 11 UPetru esesangulukile wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.” 12 Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka. 13 Esengqongqotha esivalweni sesango, yeza intombazana ukusabela, egama layo linguRoda; 14 isilizwile izwi likaPetru ayivulanga esangweni ngenxa yokuthokoza, kepha yagijima yabika ukuthi uPetru umi ngasesangweni. 15 Kodwa bathi kuyo: “Uyahlanya.” Yona yaqinisa yathi: “Hhayi, kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.” 16 Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha; sebevulile babona ukuthi nguye, bamangala. 17 Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo. 18 Sekusile, kwaba khona ukunyakaza okukhulu phakathi kwamabutho kokuthi uPetru wehlelwe yini. 19 UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona. 20 Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi. 21 Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu. 22 Abantu bamemeza bathi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.” 23 Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa. 24 Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa. 25 Kepha oBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqede ukukhonza kwabo, behamba benoJohane othiwa uMarku.

IzEnzo 13

1 Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni lakhona abaprofethi nabafundisi: oBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu. 2 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.” 3 Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa. 4 Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi. 5 Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo. 6 Sebedabule isiqhingi sonke, baze bafika ePhafu, bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu, 7 owayekhona kumbusi wezwe uSergiyu Pawulu, umuntu onengqondo enhle. Yena wabiza oBarnaba noSawulu, wafuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu. 8 Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni. 9 Kepha uSawulu osethiwa uPawulu, egcwele uMoya oNgcwele wamgqolozela, 10 wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na? 11 Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla. 12 Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi. 13 UPawulu nababe naye bamuka ePhafu ngomkhumbi, bafika ePherge lasePhamfiliya; kepha uJohane wahlukana nabo, wabuyela eJerusalema. 14 Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, bahlala phansi. 15 Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.” 16 Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani: 17 UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo. 18 Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane. 19 Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa; 20 kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi. 21 Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane. 22 Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’ 23 Enzalweni yakhe uNkulunkulu walethela u-Israyeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe; 24 engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka. 25 Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’ 26 “Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi. 27 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla; 28 nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe. 29 Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni. 30 Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo. 31 Wabonwa izinsuku eziningi yibo ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje. 32 “Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kobaba 33 ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili ukuthi: “ ‘Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.’ 34 “Maqondana nokumvusa kwakhe kwabafileyo ukuba engasayikubuyela ekuboleni wakhuluma kanje, wathi: “ ‘Ngizakuninika okungcwele nokuthembekileyo kukaDavide.’ 35 “Ngakho nakwenye indawo uthi: “ ‘Awuyikunika oNgcwele wakho abone ukubola.’ 36 “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola. 37 Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola. 38 Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose 39 yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye. 40 Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: 41 “ ‘Bhekani nina zideleli, nimangale, ninyamalale, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayikukholwa yiwo, nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ” 42 Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo. 43 Khona sebehlakazekile abesinagoge, abaningi babaJuda namaproselite aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu. 44 Ngesabatha elilandelayo kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu. 45 Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza. 46 Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe. 47 Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ” 48 Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade. 49 Izwi leNkosi lahanjiswa kulo izwe lonke. 50 Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo. 51 Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu. 52 Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.

IzEnzo 14

1 Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. 2 Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane. 3 Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. 4 Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli. 5 Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe, 6 bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona, 7 bashumayela khona ivangeli. 8 EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe. 9 Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe, 10 wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba. 11 Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.” 12 UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni. 13 Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku. 14 Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza 15 bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, 16 othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo. 17 Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” 18 Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli. 19 Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile. 20 Kepha kwathi abafundi bembunganyele, wavuka, wangena emzini. Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe. 21 Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya, 22 baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” 23 Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo. 24 Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya. 25 Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya. 26 Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile. 27 Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. 28 Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.

IzEnzo 15

1 Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.” 2 Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba. 3 Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu. 4 Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo. 5 Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose. 6 Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba. 7 Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe. 8 UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi; 9 futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa. 10 Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na? 11 Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.” 12 Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe. 13 Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni. 14 USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe. 15 Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi: 16 “ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya, ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo, ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo, ngiyimise, 17 ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ isho iNkosi ekwenza lokhu, 18 okwaziwa kwaphakade. 19 “Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu, 20 kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi. 21 Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni amasabatha ngamasabatha.” 22 Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane, 23 baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya. 24 Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona, 25 kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu, 26 abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. 27 Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo. 28 Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo 29 zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle. 30 Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi. 31 Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo. 32 OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa. 33 Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo. 34 Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. 35 Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi. 36 Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” 37 UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. 38 Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. 39 Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi. 40 Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi. 41 Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

IzEnzo 16

1 Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki, 2 owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nabase-Ikoniyu. 3 Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki. 4 Kwathi bedabula imizi, babanika izinqumo ezanqunywa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine. 5 Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla. 6 Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya; 7 sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga. 8 Badlula eMisiya, behlela eTrowa. 9 Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.” 10 Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli. 11 Khona samuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotrake, ngangomuso safika eNeyapholi. 12 Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni. Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile. 13 Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene. 14 Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu. 15 Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona,” wasicindezela. 16 Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula. 17 Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.” 18 Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi. 19 Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi, 20 babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda; 21 bafundisa imikhuba esingavunyelwe ukuba siyamukele, siyenze thina esingamaRoma.” 22 Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku; 23 sezibashayile imivimbo eminingi, zabaphonsa etilongweni, zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela; 24 yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. 25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa; 26 kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke. 27 Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile. 28 Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.” 29 Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila, 30 wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?” 31 Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.” 32 Base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu, yena nabo bonke ababesendlini yakhe. 33 Wabathatha ngaso leso sikhathi sasebusuku, wabageza imivimbo, wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe, 34 wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu. 35 Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: “Bakhulule labo bantu.” 36 Umgciniziboshwa wabikela uPawulu lawo mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula.” 37 Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.” 38 Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi. Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma, 39 zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini. 40 Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.

IzEnzo 17

1 Kwathi sebedabulile i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda. 2 Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni, 3 ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo, ethi futhi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.” 4 Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana. 5 Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu; 6 kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha, 7 uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.” 8 Kepha bethusa isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho, 9 bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, babakhulula. 10 Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni labaJuda. 11 Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto. 12 Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana. 13 Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku. 14 Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona. 15 Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e-Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka. 16 Kwathi uPawulu esabalinda e-Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe. 17 Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona. 18 Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo,” ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo. 19 Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: “Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na? 20 Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.” 21 Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi abakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha. 22 UPawulu wema-ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu. 23 Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini. 24 “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla; 25 futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke; 26 wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo, 27 ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi. 28 ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’ 29 “Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu. 30 Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke, 31 njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.” 32 Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.” 33 Kanjalo uPawulu waphuma phakathi kwabo. 34 Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.

IzEnzo 18

1 Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte. 2 Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo; 3 lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende. 4 Washumayela esinagogeni ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki. 5 Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu. 6 Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.” 7 Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge. 8 Kepha uKrispu umphathi wesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa. 9 INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli, 10 ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.” 11 Wahlala khona umnyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo. 12 Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela, 13 bathi: “Lo muntu uphendukisa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.” 14 Khona uPawulu esezakuvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele; 15 kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.” 16 Wayesebaxosha esihlalweni sokwahlulela. 17 Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho. 18 Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo. 19 Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, washumayela kubaJuda. 20 Kwathi bemncenga ukuba ahlale khona isikhathi esidana, akaze avuma, 21 kepha wavalelisa wathi: “Ngizakubuyela futhi kini, uma uNkulunkulu evuma,” wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi; 22 esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya. 23 Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi. 24 UmJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu. 25 Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela; 26 yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni. Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu. 27 Esethanda ukudlulela e-Akhaya, abazalwane balobela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa, 28 ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

IzEnzo 19

1 Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile, 2 wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?” Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.” 3 Wathi: “Pho, nabhapathizelwa kukuphi na?” Base bethi: “Kukho ukubhapathiza kukaJohane.” 4 UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.” 5 Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. 6 Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha. 7 Babe ngamadoda angathi ishumi nambili bebonke. 8 Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu. 9 Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu. 10 Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki. 11 UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu, 12 baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma. 13 Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda, abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: “Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.” 14 USkeva othile, umJuda, umpristi omkhulu, wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho. 15 Kepha umoya omubi waphendula, wathi kuwo: “UJesu ngiyamazi, noPawulu ngiyamqonda; kepha nina ningobani na?” 16 Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, wahlula ababili, wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele. 17 Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu; 18 nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo. 19 Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. 20 Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba. 21 Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.” 22 Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no-Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya. 23 Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela. 24 Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane, 25 waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: “Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu, 26 kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla. 27 Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.” 28 Kwathi bekuzwa lokho, bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.” 29 Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela, babamba oGayu no-Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu. 30 Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu, abafundi abamvumelanga. 31 Nabanye bababusi base-Asiya, bengabahlobo bakhe, bathumela kuye, bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela. 32 Khona-ke abanye bamemeza okunye nabanye okunye; ngokuba ibandla layaluza nje, nabaningi babengazi ukuthi babuthanele indabani. 33 Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu. 34 Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.” 35 Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na? 36 Ngakho lokhu lezo zinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala. 37 Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu. 38 Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, bakhona nababusi; mabamangalelane. 39 Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho, kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo. 40 Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla, lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.” 41 Eseshilo lokho walimukisa ibandla.

IzEnzo 20

1 Sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wababiza abafundi, wabavuselela, wavalelisa, wamuka waya eMakedoniya. 2 Esedabulile lezo zindawo, ebavuselela ngamazwi amaningi, wafika ezweni lamaGreki, 3 wahlala khona izinyanga ezintathu; abaJuda sebenzile icebo ngaye esezakumuka ngomkhumbi ukuya eSiriya, wazimisela ukubuyela emuva edabula iMakedoniya. 4 Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu. 5 Laba basandulela, basilindela eTrowa. 6 Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. 7 Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku. 8 Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu esasibuthene kulo. 9 Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile. 10 Kepha uPawulu wehla, wawa phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningaxokozeli, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo,” 11 esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke. 12 Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu. 13 Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo. 14 Kwathi esehlangene nathi e-Asu, samkhwelisa, safika eMithilene; 15 sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu. 16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste. 17 EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla. 18 Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani, 19 ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda, 20 nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu, 21 ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu. 22 “Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, 23 kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele. 24 Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu. 25 “Kalokhu bhekani, ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso. 26 Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu suku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke. 27 Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu. 28 Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe. 29 Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi, 30 naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela. 31 Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi. 32 “Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo. 33 Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo; 34 nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami. 35 Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ” 36 Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka. 37 Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga, 38 belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.

IzEnzo 21

1 Kwathi sesimukile kubo, sasuka ngomkhumbi, saqonda ngqo, safika eKhose nangangomuso eRodu; sasuka lapho, safika ePathara; 2 sesifumene umkhumbi owelela eFenike, sangena kuwo, samuka. 3 Kwathi sekuqhamuke iKhupro, sesilishiyile ngakwesokhohlo, saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla. 4 Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema. 5 Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka, 6 savalelisana, sangena emkhunjini, kepha bona babuyela emakhaya. 7 Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye. 8 Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye. 9 Yena-ke wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofethayo. 10 Kwathi sisahlezi khona izinsuku eziningana, kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu; 11 yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ” 12 Sesikuzwile lokho samncenga thina kanye nabakuleyo ndawo ukuba angakhuphukeli eJerusalema. 13 Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.” 14 Engenakuvunyiswa, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.” 15 Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema; 16 kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe. 17 Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula. 18 Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona. 19 Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe. 20 Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho; 21 sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi mabangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko. 22 Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile. 23 Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo; 24 wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho. 25 Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.” 26 Khona uPawulu wawathatha lawo madoda, ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke. 27 Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye, 28 bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki, wayingcolisa le ndawo engcwele.” 29 Ngokuba babebonile ngaphambili uTrofimu wase-Efesu enaye emzini, ababesho ngaye ukuthi uPawulu umngenisile ethempelini. 30 Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane. 31 Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza; 32 yona yayisithatha masinyane amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo; sebebona induna yenkulungwane namabutho bayeka ukumshaya uPawulu. 33 Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni. 34 Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu. 35 Esefikile esikhwelweni, kwenzeka ukuba athwalwe ngamabutho ngenxa yokukhandana kwesixuku; 36 ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: “Msuseni!” 37 Esezakungeniswa ekamu uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?” Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na? 38 Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?” 39 Kepha uPawulu wathi: “Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya, ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.” 40 Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi:

IzEnzo 22

1 “Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.” 2 Kwathi bemuzwa ekhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula bathi du. Wayesethi: 3 “Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla; 4 ngayizingela leyo Ndlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane, 5 njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe. 6 “Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini, 7 ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’ 8 “Ngase ngiphendula ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ “Wathi kimi: ‘Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.’ 9 Kepha labo ababe nami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga. 10 “Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’ “INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzakutshelwa khona konke okumiselweyo ukuba ukwenze.’ 11 Kepha njengokuba ngangingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngesandla yibo ababe nami, ngafika eDamaseku. 12 “U-Ananiya othile, indoda ekholwa ngokomthetho, owayefakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhile khona, 13 weza kimi, wema, wathi kimi: ‘Sawulu, mzalwane, buye ubone.’ Mina ngase ngimbona ngaso leso sikhathi. 14 “Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe, 15 ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo. 16 Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’ 17 “Kwathi sengibuyele eJerusalema, ngikhuleka ethempelini, ngehlelwa yisiyezi, 18 ngambona; wathi kimi: ‘Khawuleza uphume masinyane eJerusalema, ngokuba abazukwamukela ubufakazi bakho ngami.’ 19 “Mina ngase ngithi: ‘Nkosi, bayazi bona ukuthi yimina engangibabopha ngibashaya emasinagogeni abakholwa nguwe; 20 futhi mhla kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, ngangimi khona mina, ngivuma, ngilinda izingubo zabambulalayo.’ 21 “Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ” 22 Kepha bamlalela kwaze kwaba kulelo zwi; base bephakamisa izwi labo, bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akufanele ukuba aphile.” 23 Kwathi besabangalasa, behlubula izingubo, bethuquza uthuli phezulu, 24 induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu, yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye. 25 Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?” 26 Induna yekhulu ikuzwile yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Usuzakwenzani na, ngokuba lowo muntu ungumRoma?” 27 Induna yenkulungwane yayisifika, yathi kuye: “Ngitshele, wena ungumRoma na?” Yena wathi: “Yebo.” 28 Kepha induna yenkulungwane yaphendula yathi: “Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu.” Kodwa uPawulu wathi: “Kepha mina ngazalwa nalo.” 29 Ngakho basuka kuye masinyane abase bezakumhlola; kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile. 30 Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.

IzEnzo 23

1 UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.” 2 Kepha umpristi omkhulu u-Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo. 3 Khona uPawulu wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?” 4 Ababemi khona base bethi: “Uthuka umpristi omkhulu kaNkulunkulu na?” 5 UPawulu wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ” 6 Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.” 7 Eseshilo lokho, kwavela ukuphambana phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, ibandla lahlukana kabili. 8 Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili. 9 Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?” 10 Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu. 11 Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.” 12 Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu. 13 Babengaphezu kwamashumi amane ababenze lelo cebo. 14 Bona base beza kubapristi abakhulu nasemalungeni, bathi: “Sizibophe ngesilokothelo sokuthi asiyikuzwa ukudla size simbulale uPawulu. 15 Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.” 16 Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo, yafika yangena ekamu, yambikela uPawulu. 17 UPawulu wayesebiza enye induna yekhulu, wathi: “Yisa le nsizwa enduneni yenkulungwane, ngokuba inento ezakuyibika kuyo.” 18 Yayisiyithatha-ke, yayiyisa enduneni yenkulungwane, yathi: “Isiboshwa uPawulu singibizile, sacela ukuba ngilethe le nsizwa kuwe, inento ezakukutshela yona.” 19 Induna yenkulungwane yayisiyibamba ngesandla, yagudluka nayo, yayibuza bebodwa, yathi: “Kuyini ozakungibikela khona na?” 20 Yathi: “AbaJuda bavumelene ukucela kuwe ukuba wehlisele uPawulu emphakathini ngomuso ngokungathi bazakuhlolisisa indaba yakhe. 21 Ngakho-ke wena ungabavumeli, ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli, angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.” 22 Khona induna yenkulungwane yayisiyimukisa insizwa, isiyiyalile ukuba ingatsheli muntu ukuthi imbikele lokho. 23 Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili, 24 kulungiselwe futhi izilwane, ukuze bakhwelise uPawulu, bamyise kahle kuFeliksi umbusi,” 25 yaloba incwadi ehlelwe kanje: 26 UKlawudiyu Lisiya kuye uFeliksi umbusi odumileyo; ngiyakubingelela. 27 Le ndoda ibibanjwe ngabaJuda; ibisizakubulawa yibo, ngafika namabutho, ngayophula sengizwile ukuba ingumRoma. 28 Ngathi ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emphakathini wabo; 29 ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa. 30 Sekudaluliwe kimi ukuthi kukhona icebo ngaleyo ndoda, ngase ngiyithumela kuwe masinyane, ngibayalile nabayimangalelayo ukuba bakhulume ngayo phambi kwakho. 31 Khona amabutho ayesemthatha uPawulu njengokuyalwa kwawo, amyisa e-Antipatheri ebusuku. 32 Kepha ngangomuso ashiya izinkweli ukuba zihambe naye; wona abuyela ekamu; 33 lezo sezifikile eKesariya zanika umbusi incwadi, zamisa uPawulu phambi kwakhe. 34 Eseyifundile wambuza ukuthi ungowasiphi isifunda; esezwile ukuthi ungowaseKhilikhiya, 35 wathi: “Ngiyakuyizwa kahle indaba yakho, nxa sebefikile abakumangalelayo.” Wayala ukuba alondwe enqabeni kaHerode.

IzEnzo 24

1 Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu u-Ananiya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu; laba bammangalela uPawulu kumbusi. 2 Yena esebiziwe, uTertulu waqala ukumbeka icala, ethi: “Lokho ukuthi ngenxa yakho sitholile ukuthula okukhulu nangokubonelela kwakho lesi sizwe senzelwe okuhle okuningi 3 siyakwamukela ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke ngokubonga okukhulu, Feliksi odumileyo. 4 Kepha ukuba ngingakubambezeli, ngiyakuncenga ukuba ngobumnene bakho usizwe ngokufushane. 5 “Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha, 6 yalinga nokungcolisa ithempeli; sayibamba, sathanda ukuyahlulela ngomthetho wakithi. 7 Kepha kwafika uLisiya induna yenkulungwane, wamthatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu, 8 eyala abambeka icala ukuba beze kuwe, ukuze umbuzisise wena uqobo, uzwe ngakho konke esimmangalela ngakho.” 9 NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo. 10 Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume, uPawulu waphendula wathi: “Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizwe, ngiyaziphendulela ngesibindi; 11 futhi ungaqonda ukuthi akungaphezu kwezinsuku eziyishumi nambili ngikhuphukile ukuyokhuleka eJerusalema; 12 abangifumananga ngiphikisana namuntu, nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni, nasemzini, 13 futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje. 14 Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi; 15 nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile. 16 Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu. 17 “Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo, 18 okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo, 19 abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho, bangimangalele, uma benotho ngami. 20 Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi, 21 ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ” 22 Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: “Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu,” 23 wayala induna yekhulu ukuba agcinwe, kepha abe nenkululeko, kunganqatshelwa muntu wakubo ukumkhonza. 24 Kepha emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu. 25 Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,” 26 wethemba futhi ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu; ngalokho wayehleze embiza, ekhuluma naye. 27 Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.

IzEnzo 25

1 Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema; 2 abapristi abakhulu nezikhulu zabaJuda base bemangalela uPawulu kuye, bamncenga, 3 bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni. 4 Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane; 5 wathi: “Izikhulu phakathi kwenu azehle nami; uma kukhona utho olubi kuleyo ndoda, aziyimangalele.” 6 Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe. 7 Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa, 8 lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.” 9 Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?” 10 UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle. 11 Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.” 12 Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.” 13 Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu. 14 Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe; 15 kwathi ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda babika ngaye becela ukuba ilahlwe; 16 ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo. 17 Ngakho sebebuthene lapha, angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe; 18 basukuma-ke abayimangalelayo, kepha abavezanga cala ngayo lalezo zinto ezimbi ebengizicabangile mina, 19 kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila. 20 Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo ndaba ngizakuyihlola kanjani, ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto. 21 Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.” 22 U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami bengithanda ukumuzwa lowo muntu.” Wathi: “Uzakumuzwa ngomuso.” 23 Khona ngangomuso kwafika o-Agripha noBernike ngemvunulo enkulu, bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe. 24 UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi, niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila. 25 Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma. 26 Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi; ngakho ngimlethile phambi kwenu, ikakhulu phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi sekuhloliwe, ngibe nakho engingakuloba. 27 Ngokuba mina ngokwami ngithi akuqondile, uma kuthunyelwa isiboshwa, kungakhonjwa amacala aso.”

IzEnzo 26

1 Khona u-Agripha wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.” UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi: 2 “Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, 3 ikakhulu lokhu uyisazi sawo onke amasiko nokuphikisana kwabaJuda; ngalokho ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngokubekezela. 4 “Inkambo yami kwasebusheni eyaba sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi, 5 bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. 6 Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba, 7 ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelo themba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda. 8 Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? 9 “Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha; 10 lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti lami. 11 Nasemasinagogeni onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. 12 “Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu, 13 emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami; 14 kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’ 15 “Kepha mina ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omzingelayo. 16 Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho, 17 ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo 18 ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’ 19 “Ngalokho, nkosi Agripha, angibanga ngongawulaleliyo umbono wasezulwini, 20 kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka. 21 Ngenxa yalokho abaJuda bangibamba ethempelini, balinga ukungibulala. 22 Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, 23 ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.” 24 Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.” 25 Kepha uPawulu wathi: “Angihlanyi, Festu odumileyo, kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso nawokuqonda. 26 Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini. 27 Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.” 28 U-Agripha wathi kuPawulu: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKristu.” 29 UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.” 30 Inkosi yayisisukuma nombusi noBernike kanye nababehlezi nabo; 31 kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzi lutho olufanele ukufa noma izibopho.” 32 Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”

IzEnzo 27

1 Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari. 2 Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi. 3 Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe. 4 Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi. 5 Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya. 6 Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo. 7 Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone, 8 sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya. 9 Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka, 10 wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.” 11 Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. 12 Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika. 13 Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange, bagudla iKrethe. 14 Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni; 15 kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje. 16 Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni; 17 sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo. 18 Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo; 19 kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. 20 Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa. 21 Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. 22 Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela. 23 Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, 24 yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’ 25 Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi. 26 Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.” 27 Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile. 28 Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu; 29 besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse. 30 Abomkhumbi sebefuna ukubaleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange enhlokweni yomkhumbi, 31 uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.” 32 Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa. 33 Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho. 34 Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” 35 Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. 36 Base bema isibindi bonke, badla nabo. 37 Thina sonke esasisemkhunjini besingabantu abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha. 38 Sebesuthi ukudla benza lula umkhumbi belahla ukolweni elwandle. 39 Sekusile, abalazanga izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. 40 Banquma amahange bawashiya elwandle, bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa, baphakamisela emoyeni indwangu ephambili, baqonda ogwini. 41 Batheleka endaweni enolwandle nxazombili, baqhubela umkhumbi kuyo, inhloko yomkhumbi yagxumekeka, yema ingenakunyakaziswa, kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza. 42 Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa, funa ezinye zibaleke ngokuhlamba; 43 kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini, 44 nabaseleyo bafike, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kanjalo-ke kwenzeka ukuba bonke baphumele emhlabathini besindile.

IzEnzo 28

1 Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. 2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. 3 Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. 4 Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.” 5 Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. 6 Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu. 7 Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu. 8 Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. 9 Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa, 10 basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo. 11 Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele. 12 Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu; 13 sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili. 14 Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma. 15 Abazalwame sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. 16 Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo. 17 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma; 18 wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife; 19 kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho. 20 Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.” 21 Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe. 22 Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.” 23 Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. 24 Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga; 25 kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo 26 ngokuthi: “ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda, nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa, 27 ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.” ’ 28 “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.” 29 Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo. 30 Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye, 31 washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE