Zulu of South Africa

3 John

3 Johane 1

1 Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso. 2 Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla. 3 Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho, njengokuba uhamba eqinisweni. 4 Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni. 5 Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo 6 abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu; 7 ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe. 8 Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo. 9 Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina. 10 Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni. 11 Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu. 12 UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile. 13 Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki nosiba; 14 kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo. 15 Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE