Zulu of South Africa

2 Thimothewu

2 Thimothewu 1

1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu, 2 kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. 3 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini, 4 ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo, 5 ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. 6 Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami. 7 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza. 8 Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu 9 owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi, 10 kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli, 11 engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi; 12 ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku. 13 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; 14 okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi. 15 Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene. 16 INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami, 17 kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana — 18 iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku — konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.

2 Thimothewu 2

1 Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu; 2 lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye. 3 Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu. 4 Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye. 5 Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho. 6 Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala. 7 Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke. 8 Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami, 9 engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. 10 Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade. 11 Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi; 12 uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika; 13 uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika. 14 Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo. 15 Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso. 16 Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu, 17 nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu 18 abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye. 19 Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.” 20 Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo; 21 ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle. 22 Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo. 23 Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa; 24 inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela, 25 ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso, 26 basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.

2 Thimothewu 3

1 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; 2 ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, 3 nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, 4 nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, 5 nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema. 6 Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, 7 befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso. 8 NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni. 9 Kepha abasayikuqhubekela phambili; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo. 10 Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela, 11 nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke. 12 Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. 13 Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa. 14 Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi ukufunde kobani, 15 nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. 16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, 17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

2 Thimothewu 4

1 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi: 2 Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. 3 Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, 4 bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni. 5 Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho. 6 Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile. 7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; 8 sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo. 9 Shesha uze kimi masinyane. 10 Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya; 11 nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni. 12 UThikhiku sengamthuma e-Efesu. 13 Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba. 14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe; 15 umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu. 16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho; 17 kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama. 18 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. 19 Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu. 20 U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula. 21 Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane. 22 INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE