Zulu of South Africa

1 Thimothewu

1 Thimothewu 1

1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu, 2 kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. 3 Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo, 4 futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje; 5 kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo, 6 abathe abanye bephaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize, 7 befuna ukuba babe ngabafundisi bomthetho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela. 8 Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle, nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho, 9 ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu, 10 nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo, 11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina. 12 Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni, 13 noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa. 14 Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu. 15 Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo; 16 kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade. 17 Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. 18 Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo, 19 unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa, 20 abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.

1 Thimothewu 2

1 Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke, 2 amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo. 3 Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu 4 othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. 5 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, 6 owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso, 7 engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli — ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga — yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni. 8 Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana. 9 Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, 10 kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle. 11 Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke. 12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele. 13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva. 14 Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka; 15 kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

1 Thimothewu 3

1 Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle. 2 Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa, 3 ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali, 4 ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke — 5 kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? — 6 angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane. 7 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane. 8 Ngokunjalo namadiyakoni kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi, 9 ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe. 10 Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki. 11 Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke. 12 Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo. 13 Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu. 14 Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane; 15 kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso. 16 Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.

1 Thimothewu 4

1Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni, 2 ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo, 3 benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso. 4 Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga, 5 ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko. 6 Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo; 7 kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu. 8 Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo. 9 Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa, 10 ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo. 11 Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo. 12 Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka. 13 Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. 14 Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga. 15 Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke. 16 Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.

1 Thimothewu 5

1 Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu, 2 abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo. 3 Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo. 4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu. 5 Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini, 6 kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona. 7 Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka. 8 Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo. 9 Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye, 10 ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle. 11 Kepha abafelokazi abasha ubenqabe; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana; 12 banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala. 13 Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele. 14 Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka. 15 Ngokuba nakalokhu abanye sebechezukele kuSathane. 16 Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi, makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo. 17 Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa. 18 Ngokuba umbhalo uthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo,” futhi: “Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso.” 19 Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu. 20 Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe. 21 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha. 22 Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe. 23 Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo. 24 Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela. 5:24 Gal. 5:19. 25 Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.

1 Thimothewu 6

1 Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa. 2 Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo. 3 Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu, 4 ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi, 5 nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo. 6 Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, 7 ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; 8 kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho. 9 Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. 10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. 11 Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene. 12 Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. 13 Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu, 14 ukuba ugcine umyalo ungenabala, ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu 15 ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi, 16 yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen. 17 Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho, 18 benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, 19 bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho. 20 Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa uk



AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE