Zulu of South Africa

1 Thesalonika

1 Thesalonika 1

1 OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseTheselonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula. 2 Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu, 3 sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu, 4 sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu 5 ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu. 6 Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele, 7 naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya. 8 Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho. 9 Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso, 10 nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.

1 Thesalonika 2

1 Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize. 2 Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu. 3 Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso, 4 kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. 5 Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi, 6 singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye, 7 ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. 8 Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina. 9 Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu. 10 Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki, 11 njengokuba nazi ukuthi saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe, 12 siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe. 13 Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo. 14 Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda 15 ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke, 16 besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo. 17 Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu. 18 Ngakho besithanda ukuza kinina, mina Pawulu ngokwami kanye nakabili, kepha uSathane wasivimbela. 19 Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na? 20 Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.

1 Thesalonika 3

1 Ngalokho kwathi singasenakubekezela, sathi kuhle ukuba sisale sodwa e-Athene, 2 sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu 3 ukuba kunganyakaziswa muntu ngalezo zinhlupheko; ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe lokho. 4 Ngokuba kuthe sisekhona kini, sanitshela ngaphambili ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwaba njalo, nani nikwazi. 5 Ngalokho nami, lapho ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu, ingabe mhlawumbe umlingi unilingile yini, ukukhandleka kwethu kube yize. 6 Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina, 7 ngalokho, bazalwane, saduduzeka ngani ngokukholwa kwenu ekusweleni nasosizini lwethu lonke, 8 ngokuba kalokhu siyaphila, uma nina nimi niqinile eNkosini. 9 Ngokuba ngukubonga okunjani esingakubuyisela kuNkulunkulu ngani ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na? 10 Ubusuku nemini sinxusa nokunxusa ukuba sibone ubuso benu, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu. 11 Sengathi uNkulunkulu noBaba wethu uqobo neNkosi yethu uJesu angayiqondisa indlela yethu yokuza kini, 12 iNkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina, 13 ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.

1 Thesalonika 4

1 Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho. 2 Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu. 3 Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni 4 ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, 5 kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu 6 ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa. 7 Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni. 8 Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele. 9 Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane; 10 nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho, 11 nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala, 12 ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho. 13 Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. 14 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. 15 Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, 16 ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, 17 khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. 18 Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.

1 Thesalonika 5

1 Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa, 2 ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. 3 Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka. 4 Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela, 5 ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama; 6 ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde. 7 Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku; 8 kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa; 9 ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu 10 owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. 11 Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza. 12 Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo, 13 nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula. 14 Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke. 15 Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke. 16 Thokozani njalo; 17 khulekani ningaphezi; 18 kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. 19 Ningamcimi uMoya; 20 ningakudeleli ukuprofetha; 21 vivinyani konke, nibambisise okuhle; 22 dedani kukho konke okubonakala kukubi. 23 Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. 24 Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi. 25 Bazalwane, sikhulekeleni. 26 Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. 27 Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane. 28 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE