Zulu of South Africa

1 John

1 Johane 1

1 Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila — 2 lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina — 3 lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu. 4 Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele. 5 Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye. 6 Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso; 7 kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. 8 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. 9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. 10 Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.

1 Johane 2

1Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo; 2 yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke. 3 Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. 4 Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye; 5 kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye; 6 lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena. 7 Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo. 8 Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya. 9 Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu. 10 Othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, akukho sikhubekiso kuye; 11 kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe. 12 Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe. 13 Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. 14 Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi. 15 Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, 16 ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. 17 Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. 18 Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. 19 Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi. 20 Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke. 21 Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni. 22 Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana. 23 Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise. 24 Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise. 25 Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade. 26 Nganilobela lokho ngabo abanidukisayo. 27 Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye. 28 Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe. 29 Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.

1 Johane 3

1 Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena. 2 Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. 3 Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile. 4 Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho. 5 Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye. 6 Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi. 7 Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile; 8 owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane. 9 Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu. 10 Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe. 11 Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane, 12 kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile. 13 Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda. 14 Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni. 15 Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. 16 Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. 17 Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? 18 Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso. 19 Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe 20 ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke. 21 Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, 22 nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe. 23 Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. 24 Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

1 Johane 4

1 Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni. 2 Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu; 3 lowo moya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni. 4 NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni. 5 Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa. 6 Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka. 7 Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu. 8 Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. 9 Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo. 10 Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. 11 Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana. 12 UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi. 13 Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe. 14 Thina sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi wezwe. 15 Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. 16 Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye. 17 Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. 18 Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni. 19 Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. 20 Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga. 21 Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.

1 Johane 5

1 Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye. 2 Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe. 3 Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima, 4 ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu. 5 Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na? 6 Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi; noMoya ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso. 7 Ngokuba bathathu abafakazayo, 8 uMoya, namanzi, negazi; labo abathathu bavumelana entweni inye. 9 Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe. 10 Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe. Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe. 11 Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. 12 Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. 13 Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. 14 Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. 15 Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. 16 Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso. 17 Konke ukungalungi kuyisono; kukhona isono esingesiso esokufa. 18 Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti. 19 Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini. 20 Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade. 21 Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.





AMAZING GRACE BIBLE INSTITUTE